OVELA ohlwini lwamalungu azomela i-DA ePhalamende, uMnuz Maliyakhe Shelembe, uthe akubaqwashisi ukudlondlobala koMkhonto weSizwe (MK) KwaZulu-Natal.
UShelembe uthe akukho simanga kwiMK ekhankaselwa owayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma, wathi abantu abaningi abalandela iMK bayilandela ngoba nakhu iholwa uZuma abamthandela ukuthi udansa kahle.
Ukusho lokhu ngesikhathi exoxa neSolezwe emva komcimbi wokumenyezelwa kwabaholi baKwaZulu-Natal abazomela iDA esiShayamthetho sesifundazwe nasePhalamende.
UShelembe, oke waba yimeya kaMasipala waseMtshezi, uvela ohlwini lwabaholi abaya ePhalamende.
Umbango wokuhola iKwaZulu-Natal mkhulu, uShelembe ungomunye wabaholi abanesipiliyoni sokukhankasa KwaZulu-Natal njengoba eke waba imeya amahlandla amabili ngesikhathi eseyilungu le-IFP, waphinde waba iphini lemeya kuMasipala wesiFunda uThukela ngesikhathi eseyilungu leNFP.
UShelembe uthe umkhankaso wabo awufani nowamanye amaqembu, wathi awuncikile esiqwini somuntu oyedwa.
“Uma ukhuluma naboMkhonto, bakutshela ngoMsholozi, bakhuluma ngoZuma, abanye baze baphimisele, bathi simthanda uma esedansa. Lokho kukutshela ukuthi abanye abantu ababheki ukuthi ikusasa lezwe limi kanjani. Babheka ukuthi umuntu ubhekene nayiphi inkinga ngaleso sikhathi, bese bemeseka kuleyo nkinga. Umkhankaso weDA ugxile kakhulu ezintweni iqembu elithembisa ukuthi lizozenza. Umehluko mukhulu kakhulu phakathi kweDA namaqembu akhonza umuntu oyedwa.”
Uhlu lwabe-DA abaya esiShayamthetho luholwa ogaqele isikhundla sikandunankulu wesifundazwe, uMnuz Chris Pappas, olandelwa umholi weDA esifundazweni, uMnuz Francios Rodgers.
Amagama abaholi abasha aqaphelekayo elikaMnuz Sbongiseni Vilakazi, ovela endaweni yesithupha noMnuz Mlondi Mdluli, ongowesi-12 ohlwini.
URodgers uthe zonke izinhlanga zimelelekile ohlwini lweDA.
“Ngike ngalubona uhlu lwe-ANC, luyamangaza. Akukho ukumeleleka kwazo zonke izinhlanga.”
URodgers uthe balungiselela ukuphatha iKwaZulu-Natal emva kokhetho lwangoMeyi.
“Kuza izinguquko KwaZulu-Natal. Ingakho siqale manje ukulungiselela izinguquko ezizayo. Kusukela manje, akulalwa, sikhankasela ukhetho.”
USihlalo weDA KwaZulu-Natal, uMnuz Dean Macpherson, uthe kubathathe isikhathi eside ukukhetha amagama abaholi abazomela iqembu esiShayamthetho saKwaZulu-Natal.
“Sathola izicelo ezingaphezu kuka-100. Uhlelo lokuhlunga beluhlukene izigaba ezing-11. Abakhethiwe babhale izivivinyo, benza nenhlolokhono.”
UMacpherson uthe okujabulisayo ukuthi akekho okhalaza ngohlelo olulandeliwe.
“Akekho umuntu osiyisa enkantolo, uma ubheka kukhona abayisa i-ANC enkantolo. Lokhu kukutshela ukuthi bonke abantu bayayamukela imiphumela yohlelo esilulandelile.”