UTHUKUTHELE uyaveva owesilisa wakwaNongoma, uMntwana Bongani Zulu (57), othi uxoshwe yinduna yakhe emsebenzini imsola ngokuthi uthakathe uzakwabo, washona.
UZulu ubengomunye wabasebenzi abaphusha izinqola ezithuthela abantu impahla uma beqeda ukuthenga eSpar, KwaNongoma.
Uthe ubesebenzela iSpar, waxoshwa yinduna yakhona ngemva kokumsola ngokuthakatha uzakwabo ophathwe yizinyawo washona.
UZulu usevule icala lokwehliswa isithunzi ngokusolwa ngokuthakatha yinduna yakhe ayibize ngoMsimango, athe ize yamxosha nasemsebenzini imnuka ngokuthakatha.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda ukuqinisekisile ukuthi uZulu uvule icala ngemuva kokusolwa ngokubulala umuntu ngomuthi. Uthe amaphoyisa aKwaNongoma, ayaphenya ngalokhu.
UZulu uchaze uMsimango wathi uyinduna yaseSpar, aphinde abe yinduna yenkosi endaweni. Uveze ukuthi isono sakhe kube wukungaphumeleli ukuya emngcwabeni kazakwabo ophathwe yizinyawo wagcina eshonile.
Ngaphambi kosuku lomngcwabo uthe kwaba nomhlangano lapho kwaqoqwa khona umnikelo wo-R50.
"Kwabe sekuthiwa abaphakamise izandla abangazophumelela ukuya emngcwabeni. Mina ngibe ngomunye wabantu abaphakamisa isandla, ngathi ngeke ngiphumelele ukuya emngcwabeni ngoba ngiyagula, ngizobe ngichathile," kusho uZulu.
Inkinga uthe iqale esebuyela emsebenzini emva komngcwabo emasontweni amabili edlule.
“UMsimango uvele wangibuza ukuthi kungani ngingayanga emngcwabeni kazakwethu. Ngimtshelile ukuthi ngasho nje ukuthi kungani ngingeke ngiye. Uvele wathi angihambe emsebenzini ngoba ngiyathinteka ekufeni kukamufi," usho kanje uZulu.
Uthe simphathe kabi isenzo sikaMsimango, wathi ufuna achazele izwe ukuthi uzwe ngobani ukuthi uyena othakathe umufi washona. Uthe okunye wukuthi umufi ubeyisoka lendodakazi kaMsimango, manje akazi noma ubhodlela kuyena ngoba ephethwe kabuhlungu wukushona kwesoka lendodakazi yakhe yini.
Uthe okuzomjabulisa ukuthi uMsimango ageze igama lakhe ngemva kokumhlambalaza phambi kwabanye ozakwabo ngokumbheca ngobende ekubeni inyama engayithanga mbibi.
Kuthintwa uMsimango, akafunanga ukuphendula ngesinqumo sakhe sokuxosha uZulu emsebenzini. Kunalokho, uthe akekho umuntu ongamazi uZulu ukuthi ungumuntu onjani endaweni.
Uqhube wathi ngisho kungabuzwa abanye abasebenzi bangamchaza ukuthi ungumuntu onjani.
Uphethe ngokuthi bese beke balukhuluma udaba naye efike emsebenzini, waze waxolisa uZulu kodwa uyaxakeka ukuthi kungani esemvulele necala.
Uthe uma enenkinga akazikhulumele nabaphathi besitolo yena akasangeni kulolu daba, akuselona olwakhe.