UQAPHELE ukuvuka “kwamadimoni” abehlasele iKaizer Chiefs kumasizini adlule umqeqeshi wayo, uNasreddine Nabi, ngesikhathi ewuzwa owokuqala umuzwa wenduku kwi-Betway Premiership ivela kwiMamelodi Sundowns ngoMgqibelo, e-FNB Stadium, eGoli.
IChiefs ishaywe ompetha beligi ekhaya ngo 2-1 wamagoli kaLucas Ribeiro nelika-Iqraam Rayners, abecisha ngalo elikaRanga Chivaviro, avule ngalo inkundla.
Yize bekusobala ukuthi iqembu lasekhaya ilona eliwuqale kahle lo mdlalo obuhanjelwe izithemali ezingaphezulu kuka-80 000, kodwa iSundowns ithe ingalinganisa okulandelwe elesibili, zaqala zahlehla nyova ezikaNabi.
Akazange akuthande lokhu lo mqeqeshi okufakazelwa ukuthi uze wakhuluma ngakho esithangamini nabezindaba emuva komdlalo.
“Akuzange kungiphathe kahle ukuqaphela ukuthi abadlali bami bakhombise izimpawu zokudikibala ngesikhathi iSundowns ishaya igoli lesibili,” kusho yena.
Nakuba uNabi engazange alibeke ngembaba kodwa inkulumo yakhe izwakale sengathi ithinta ukuhluleka kweChiefs ukubamba umgqigqo okuholele ekutheni iqede isizini edlule kunombolo-10.
“Akukuningi engifike nakho kwiChiefs kepha ngizovusa isikompilo lakhona elidala. Ngeke siphumelele ukukwenza lokhu uma abadlali besakhombisa ukubanjwa amadimoni eminyaka edlule uma konakala okuthile.
“Angizwani nokuhlulwa futhi ngiyazi ukuthi kusukela kudala bekuyinto efanayo nakwiChiefs ngakho-ke inhliziyo yami iyaqaqamba. Mhlawumbe kukhona lapho ngineme khona ngokomdlalo kodwa hhayi ngengikubone kubadlali abathile.
“Ngikholelwa ekutheni sisendleleni ebheke ekwenzeni kangcono kunangesizini edlule kodwa angifuni sikujwayele ukwamukela ukuthi sihluliwe.
“Ukudikibaliswa ukungenelwa amagoli akuwona umkhuba engifuna siwujwayele. Amadimoni eminyaka edlule awasale khona.
“Anginqabile ukungenelwa igoli ngoba kuyingxenye yomdlalo kodwa lokhu kuziphatha kwabadlali engikuqaphele emdlalweni, ngeke ngikwamukele,” kuqhuba uNabi.
Namanje kusakhulunywa ezinkundleni zokuxhumana ngendlela unondweba, uSikhumbuzo Gasa, awuphathe ngayo umdlalo. IChiefs iphikelwe igoli lokulinganisa umdlalo usuya ngasekupheleni kanti negoli lesibili leSundowns kube nezinkulumo ngazo, kuthiwa lishaywe uRyaners othole ibhola esemhlabeni ongafanele.
Yize ngesikhathi kuqhubeka umdlalo uNabi ubengazibekile phansi ethethisa uGasa nabasizini bakhe ngezinqumo nazo kodwa esekhuluma nabezindaba akazange ande ngalokhu.
“Ngikhulumile nonondweba ngamtshela imizwa yami kodwa ngiqedile kuyena. Angikhulumi ngonondweba kwabezindaba, akusona isitayela sami,” kusho yena.
Amakhosi abehlulwa okokuqala kwiligi kulandela ukuvula eyeligi ngokunqoba iMarumo Gallants naMaZulu FC.
UNabi nezakhe bazobuyela enkundleni ngo-Okthoba 19-20 lapho bezobe bebhekene khona neqembu abasazoqhathwa nalo kwiCarling Knocout Cup.