UFUNA ukuvula imboni ekhiqiza amawashi kuleli, usomabhizinisi osemncane waseMlaza ozidwebela amawashi akhe abe esenziwa phesheya ukuze azowadayisa kuleli.
UBuhle Gotsha (18) uthe umqondo wokuzenzela amawashi wamfikela esafunda u-matric, efuna ukuba nebhizinisi elihlukile kodwa elizoletha umehluko empilweni yabantu.
“Ngaqala ngazidwebela amawashi ngathola inkampani ezongihlanganisela wona lapha eThekwini. Ngiqale ngokwenza awu-20 ngesikhathi ngisafunda u-matric. Ngiye ngavula inkampani engiyiqambe ngamagama abazali bami u-Ericsson noDorra, ibizwa nge-Ericsson Dorra. Nelebuli yamawashi ami ibhalwe kanjalo,” kusho uBuhle.
Uthe ubeqhubeka nokuzidwebela amawashi kwathi ngoSepthemba wathola inkampani ezomenzela wona phesheya.
Ube esethumela imidwebo ukuze kwenziwe amawashi awu-100 kanti ibhizinisi lilokhu lichuma njengoba abantu bewathenga amawashi akhe.
“Imboni yamawashi e-Afrika ayikho kahle. Ngifisa ukuba neyami ezokhiqiza khona lapha ukuze ngikwazi ukudala amathuba omsebenzi. Abantu bayawathanda amawashi ahlukile ngoba ahambisana nesitayela kanti enza umuntu ahluke. Yingakho ngingene kulo mkhakha nokuthi yibhizinisi elingafani namanye. Bancane abantu abamnyama kulona ngakho ngifuna ukulikhulisa,” kusho uGotsha.
Ebuzwa ukuthi njengoba esewuphothulile u-matric wenzani, ngabe usegxile ebhizinisini kuphela noma usafunda?
Utshele Isolezwe ukuthi wenza izifundo zeBusiness Management eCentral Technical College, eThekwini.
Uthe ufuna ukwazi kabanzi ngebhizinisi ngoba uzimisele ukusuka esigabeni sikasomabhizinisi omncane abe wusozimboni.
Imali yokuqala ibhizinisi uthe wayezibekela yona kancane kancane kuleyo ayeyiphiwa kubo njengoba iwashi lakhe lokuqala walenza ngo-R1 400 ayezibekele wona.
Uveze ukuthi kwashona nguyise ngo-2018, kwase kuthi ngo-2022 kwaphuma imali kayise yacazelwa zonke izingane zakhe.
Kwathi esethola isabelo sakhe wanquma ukuthi uzokwenza into ebonakalayo ngokuthi atshale le mali ebhizinisini.
Uthe njengoba amawashi akhe esehlanganiswa phesheya uyakwazi ukuwadayisa ngoR850 kuya phezulu.
Abafisa ukuwathenga bangamthinta ezinkundleni zokuxhumana okuyiFacebook, Twitter ne-Instagram lapho ewuBuhle Gotsha.
Ugqugquzele intsha ukuthi iqale ngalokho okuncane enakho futhi ikholelwe entweni eyenzayo.
“Akudingeki imali eningi ukuqala ibhizinisi kodwa kudinga ukuthi wazi okufunayo. Kubalulekile ukuthi wenze ucwaningo bese uqala ngalokho okuncane onakho. Uma usukhula nabantu osondelene nabo bazokwazi ukukulekelela. Kubalulekile nokusebenzisa izinkundla zokuxhumana ukukhangisa umsebenzi wakho ngoba zinabantu abafuna izinto ezehlukene,” kusho uBuhle.