UFUNA bangabi nokucwasana ezikoleni abafunda kuzo abafundi abaqhamuka emindenini ehlukene uLandi Ndlovu oseqale umkhankaso wokunikela ngomfaniswano wesikole, ezikoleni ezahlukene zaseMkhanyakude.
ULandi uthi ukukhulela emakhaya kumenze wabona ukuthi kuningi okumele bakwenze beyintsha eqhamuka khona.
Muva nje uhambele izikole ezahlukene okubalwa kuzo nakade ayefunda kuso iJevu Secondary noNgqongqoshe wezaManzi, ukuHlanjwa kwawo nokuHanjiswa kweNdle kuleli, uMnuz Senzo Mchunu.
Uthe ukwenze lokhu ngokufuna ukubuyisa isithunzi kubafundi bangazenyezi ngezinto abazigqokile uma beya esikoleni.
“Ukukhulela lapha esifundazweni saseMkhanyakude kusenze sabona okuningi, kodwa manje njengoba nami senginamandla ngibone kungcono ngibuyisele emindenini okubonakalayo ukuthi ayikwazi ukwenza konke.
“Nginike abafundi okuzobenza bakwazi ukuziqhenya futhi bakukhuthalele ukuya esikoleni,” kusho uLandi.
UMchunu uthe akwaziyo wukuthi abafundi baphasa kahle uma yonke into ihamba kahle ezimpilweni zabo.
Uthe kuyamjabulisa okwenziwe uLandi njengoba eyintsha, ekhuthaza ukuthi emphakathini kube nabafundi abadinga ukuxhaswa uma kuziwa ezintweni ezibenza babe bahle phambi kwabanye.
Ukhuthaze abafundi bakamatric ukuthi bazimisele ukuze nabo bezoshintsha isimo sabo sasemakhaya nesendawo abasuka kuyo.