SELUTHATHE elinye igxathu udaba lomndeni womsakazo Ukhozi FM, uZimiphi Zimdollar Biyela njengoba osomatekisi abavela kososeshini abahlukene eMpangeni, sebeveze ukuthi impi yokulandelwa kwabo isuka odlameni lwamatekisi oluqalwe yindodana yabo.
Labo somatekisi bathi sebalala ubuthongo njengoba umfowabo walo msakazi, uVika Biyela, esekubhaceni.
Kulezi nsuku kunomsindo njengoba umndeni kaZimdollar usola uphiko lwamaphoyisa i-National Intervention Unit (NIU), ngokulokhu lugasela kungazelele muntu bagcwale amathafa nabathi kuhlukumeza abazali babo asebekhulile.
Izolo, Isolezwe lihlangane nosomatekisi abacele ukuthi bangavezwa, ngaphansi kukasoseshini waseMacekane, Dlangubo, Bhukhanana nasoBuka, lapho bebeveza khona ukuthi umndeni wakwaBiyela awungenzi sengathi awazi ukuthi indodana yawo ibiphila mpiloni, njengoba isifunwa ithuli ngamaphoyisa.
“Kuyacasula lokhu okwenziwa odadewabo bakaVika nabazali bakhe, bezokhuluma amanga emphakathini. Bagcwele izinkundla zokuxhumana manje benza izinkulumo usuku nosuku, basabalalisa amanga okuthi bazohlaselwa ekubeni bazi kahle ukuthi eMpangeni, eMelmoth naseShowe kunjena nje, yindodana yabo le esinayo la ematekisini.
“Iyesatshwa, ibisebenza eduze noNkululeko Mkhize owadutshulwa eBallito. Namanje yena (umfowabo kaZimdollar) usele uqoqa imali komama abadayisayo nabangenzi nzuzo kodwa uthatha yona leyo mali encane, kubafana bo-Uber, wenza okufanayo - ngisho ezinkampanini ezinkulu eRichards Bay, amathenda bawathatha ngenkani ngenxa yokuthi uyasatshwa.”
Ukufika kwe-NIU bathe kubenze babuyelwa yithemba.
Omunye walabo somatekisi ekhuluma neSolezwe uthe: “Ubaba kaZimdollar akangalokhu esenga ezimithiyo ukuthi izimbuzi zakhe zithathwe ngamaphoyisa ngoba zagwazwa yizitha zendodana yakhe.”
Laba baveze ukuthi ngisho umfowabo omncane kaZimdollar usejele nje, umndeni wazi kahle ukuthi wayenzani khona embonini yamatekisi.
“Lo mfana kuyaziwa iMpangeni yonke ukuthi uboshelweni. UVika ziningi izigameko ezishaqisayo esingazibala abantu babambe imilomo. Siyacela ukuthi amaphoyisa asebenze ngokuzimisela, ukuze amvalele. Kunowomdabu waseNdiya onamabhasi, njalo ngenyanga uhambisa uR50 000 kuye, awufuna ngenkani, uyisiqhwaga. Nathi sisamile ekutheni sikhiphe imali ayifuna ngenkani la kososeshini bethu nesingazi ukuthi eyani,” kuqhuba usomatekisi.
Namatekisi ashisiwe baveze ukuthi amanye bekungawabantu awathatha ngenkani wawashintsha opende nezinombolo esebenzisa ubuqhwaga.
Baveze ukuthi bafisa ukuthi uma kwenzeka eboshwa amacala akhe angasingathwa eMelmoth, eShowe naseMpangeni, kanjalo nasezinkantolo zakhona njengoba kukhona abantu abasola ukuthi usebenzisana nabo.