IFANISWE neyesoso imali ekhishwe wuhulumeni eyinikeza abanikazi bamatekisi abakhahlamezeke ngesikhathi seCovid-19, esishiye kukhalwa nxazonke.
Lokhu kushiwo uMnuz Sifiso Shangase weSantaco KwaZulu-Natal, mayelana nemali yesinxephezelo ekhishwe wuMnyango wezokuThutha ngesikhungo, iNational Empowerment Fund (NEF) yokusiza osomatekisi, iTaxi Relief Fund (TRF), okukhuthaza ukuthi abanikazi bamatekisi bakulesi bafake izicelo zayo.
UMnyango wezokuThutha kuleli ubeke imali enguR1.35 billion okuzokhokhelwa kuyo osomatekisi abanamaphepha afanele njengoba uShangase, uthe usomatekisi ngamunye uthola uR5 000 ngemvume ngayinye anayo.
"Kwabaningi le mali ifana nemali yesoso uma sibheka ukukhahlamezeka okwenzekile ngalesi sikhathi lapho bese sinciphise isibalo samatekisi ahambayo ngoba abantu abebeya emsebenzini bebebancane. Ngaphezu kalokho, amatekisi bekumele alayishe abagibeli abawuhhafu wesibalo esijwayeleki.
“Yize kunjalo, kuyajabulisa ukuthi uhulumeni kukhona asinike khona. Kubongwa okuncane kubongwe okukhulu. Sinethemba lokuthi uhulumeni ngesikhathi esizayo uzosisiza ekutheni sithole imali ewuxhaso uma sithenga amatekisi, i-subsidy,” kusho uShangase.
Uthe kule mali kumele umnikazi wetekisi abhekelele umshayeli obesebenza ngalesi sikhathi.
Osomatekisi kuvuleleke ukuthi bafake izicelo zeTRF kuze kube uMashi ngonyaka ozayo.
U-Advocate James Mlawu weNEF, uthe ngesikhathi sokumvalelandlini kwakumele amatekisi athwale abagibeli abangu-50%, ngokuhamba kwesikhathi bavunyelwa ukuthi balayishe abagibeli abangu-70%, ngaphezu kwalokho bekumele bathenge izibulali-magciwane nezinto zokuhlanza amatekisi.
"Konke lokhu kwenza ukuthi inzuzo etholwa ngabanikazi bamatekisi yehle, okuholele ukuthi iningi lingasakwazi ukwenza izinto elijwayele ukuzenza ngenzuzo yalo. Kulinganiselwa ukuthi amatekisi anamalayisensi angu-142 000 kuleli. I-NEF isisathole izicelo ezingu-33 829 ezihambisana nezimvume zokusebenza ezingu-80 945," kusho yena.
Kuleli sonto, iNEF izohambela emarenki ikhuthaza abanikazi bamatekisi KwaZulu-Natal, ukuthi bafake izicelo zemali okuwuhlelo oluqale eThekwini, ngoMsombuluko .
Ukuze usomatekisi akwazi ukuhlomula kumele abe wumsinsi wokuzimilela wakuleli noma ahlale kuleli ngokuphelele, abe nemvume yokuthi itekisi yakhe isebenze kulowo mzila esebenza kuwona noma ubufakazi obukhombisa ukuthi imvume usayivuselele.
UMnuz Mzwabantu Dayimani waso lesi sikhungo, uthe: "Siyabacela osomatekisi ukuthi basebenzise leli thuba, bafake izicelo ukuze bahlomule."