UMSUNGULI we-IFP inkosi Mangosuthu Buthelezi idlule emhlabeni iqembu layo liqhoqhobele omasipala abaningi KwaZulu- Natal emuva kokwenyusa isibalo sabo okhethweni lwango-2021.
I-IFP ayikufihli ukuthi ikholwa wukuthi ukunqoba kwayo omasipala kungenxa yomsizilo namagalelo oMntwana waKwaPhindangene.
UShenge akapheli emlonyeni wezimeya ze-IFP, uma zikhuluma zihlala zikhuleka kuyena. Omasipala bakhiphe izitatimende bekhala ezimathonsi ngokuhamba kukaShenge. Izimeya namakhansela e-IFP bebelokhu betheleke njalo KwaPhindangene beyobabaza bebhonga emswanini.
IMeya kaMasipala wesifunda iKing Cetshwayo, uMnuz Thamsanqa Ntuli ithe bagqemeke engeqiwa ntwala ngokuhamba kukaShenge.
“Sishaqekile, sasala sithuthumela ngokuhamba koMntwana waKwaPhindangene. Ube neqhaza elikhulu empilweni yabantu, ebeka impilo yakhe engcupheni. Siyajabula nokuthi siyiKing Cetshwayo sabusiseka ngokufika kwakhe ngesikhathi simhlonipha ngokuqamba ngaye ibhilidi,’’ kusho uNtuli.
IMeya kaMasipala wasoLundi, uMnuz Wilson Ntshangase idlulise amazwi enduduzo emndeni nasesizweni ngokudlula kukaShenge.
“UMntwana waKwaPhindangene ubeyisibonelo sobuholi obuqotho nokusebenzela abantu. Ubezinikele ngakho konke ekuletheni ukuthula, ubumbano, inqubekela phambili nokuthuthukiswa kwesizwe sakwaZulu nezwe lonke,’’ kusho uNtshangase.
UShenge ubehlala endaweni engaphansi kwawo uMasipala wasoLundi ngoba umuzi wakhe useNkonjeni eMahlabathini.
UMasipala wesifunda iZululand nawo osoLundi, ukhiphe umyalezo ufisela uShenge indlela enhle. Ekhasini labo kwiFacebook bacele amalungu omphakathi ukuthi abhale imiyalezo ngokuhamba kukaShenge. Abantu bazwakale bekhala ezimathonsi bethi bayohlala bemkhumbula uShenge.
IMeya kaMasipala uMfolozi, KwaMbonambi ngaseMpangeni, uMnuz Xolani Bhengu ithe iqhaza likaButhelezi liyohlala ligqamile. UBhengu uthe uyokhumbula uShenge ngokuthi walwela ukukhululwa kukaMnuz Nelson Mandela ejele. Uthe okunye wukuthi uShenge walwela ukufundiswa nokwelashwa kwesandulela ngculaza nokuthi kuxoxwe ngayo kuvuleleke.
UBhengu uthe uButhelezi wahola umkhankaso wokwakha amagumbi okufundela angu-60 000 ezikoleni ezehlukene.
UMasipala uMhlathuze ozinze eRichards Bay, uthe ukuhamba kukaShenge kube yinto ebuhlungu. Bathe bazimisele ukuthi inyanga yonke bayibekele ukuthi bahloniphe uShenge ngezinhlelo zabo zonke zentuthuko. Babaze amagalelo kaShenge ekugqugquzeleni indaba yemfundo kubantu abamnyama.
UMasipala Inkosi Langalibalele eMtshezi, ukhiphe umyalezo uvalelisa kuShenge uveza nokuthi akukho ukuvalelisa okutheni ngoba uShenge bazohlala benaye ezinhlizweni zabo.
UMasipala iNkosi Mtubatuba ududuze umndeni, wababaza amagalelo kaShenge eletha ukuthula esizweni sabantu abamnyama. Umfisela ukuphumula kwafuthi okuhle.