Kudonswe ngendlebe omalume no-anti abathutha izingane zesikole ukuba baqiniseke ukuthi izimoto zabo zisesimeni esifanele njengoba kuzovulwa izikole.
IRoad Traffic Management Corporatation (RTMC), ithe kubalulekile ukuthi izimoto ezihambisa abafundi ezikoleni zihlale zisesimeni esifanele ukuze bafike bephila lapho beya khona.
Idonse ngendlebe abathutha abafundi ukuthi bahambise izimoto zabo ukuba ziyohlolwa ukuthi zisebenza kahle, ziyabhreka, amathayi asesimeni esifanele futhi namalambu asebenza kahle.
Ithe kufanele kube segazini lomalume no-anti ukuhlola izimoto zabo ukuthi zisesimeni nokuzihambisa ezinhlanganweni ezifanele ezenza lo msebenzi.
Kuthiwe kufanele baqiniseke ukuthi ama-disc awaphelelwe yisikhathi futhi uma sekusondele isikhathi sokuyivuselela bangene kwi-online.natis.gov.za.
Iveze ukuthi lolu hlelo lokuvuselela i-disc lwenza isiqiniseko sokuthi ilethwa ngqo kuloyo ofake isicelo.
Kugqugquzelwe ukuthi abashayela izimoto ezithutha abafundi bahlale beqeqeshwe ngendlela efanele, babe nezimvume ezisemthethweni zokuthutha umphakathi.
I-RTMC ithe izimoto kufanele zibe nezinsiza zokuphepha, okubalwa ezokucisha umlilo nebhokisi losizo lokuqala.
Iphethe ngokuthi njengoba izulu lilokhu lina umlibe, kubalulekile ukuthi izimoto zingabi namasondo ayizimpandla, zibe nama-wiper asebenzayo, amalambu akhanya bha nakho konke okusesimeni esifanele ukuze abafundi bahlale bephephile.