UQALE kabusha umdonsiswano ngendaba yomhlaba ongaphansi kwamakhosi KwaZulu-Natal, onganyelwe isikhwama Ingonyama Trust njengoba iSilo izolo senekele izwe ngezinkinga zaso nebhodi eliphethe.
Uqhekeko phakathi kweSilo uMisuzulu kaZwelithini nohulumeni luhlale obala emhlanganweni wamakhosi obusoLundi.
Kulo mhlangano iSilo sikhale ngokukhishwa inyumbazane yibhodi leNgonyama Trust. Ibhodi laqokwa uNgqongqoshe wezoLimo, uNkk Thoko Didiza, ngonyaka odlule.
ISilo yiso esinguSihlalo weNgonyama Trust, nokuyisikhundla esisithathe kulo nyaka emva kokususwa kwenkosi uThanduyise kaMpiyezintombi Mzimela.
ISilo sithe amalungu ebhodi awafuni ukusamukela njengoSihlalo walo.
“Ngicela ukusho ukuthi asizwani kuleli bhodi. Abafuni ukungamukela, bafuna ukungixosha. Angazi ukuthi bazongixosha kanjani ngoba phela yimina ophethe Ingonyama Trust, kuza amakhosi emva kwami. Basayina izinto ezingekho emthethweni. Angithi phela bayazi ukuthi ngimatasa ngeminye imisebenzi yesizwe.”
ISilo sithe ngeke sivume ukuthi Ingonyama Trust iphele, saphinde sakhononda ngokungabi bikho kukaNkk Didiza emhlanganweni wayizolo.
Okhulumela uNkk Didiza, uMnuz Reggie Ngcobo, uthe uNkk Didiza akazange amenywe kulo mhlangano.
“Siyakweshwama lokhu okushiwo uNgangezwe. Asizange sisithole isimemo. Indaba yalo mhlangano besiyizwela emoyeni. Siyibonile nje incwadi indiza emoyeni, kumenywa amakhosi.”
Akuqali manje ukubhekana ngeziqu zamehlo kukaZulu nohulumeni ngodaba lweNgonyama Trust.
Udaba lombango weNgonyama Trust luqale ukususa udweshu ngesikhathi ithimba elaliholwa owayengumengameli, uMnuz uKgalema Montlanthe, liphakamisa ukuthi Ingonyama Trust ihlakazwe.
Lokhu kwaholela ekutheni iSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu sibize imbizo kaZulu eyayisoLundi lapho kwahuba khona isimo kunukwa inhangano ebusayo i-ANC ngokuthi izama ukuphuca amakhosi umhlaba.
ISilo sithe umbango wesihlalo sobukhosi bukaZulu udala ukuthi abangayifuni Ingonyama Trust bathole ithuba lokuyiqeda.
ISilo sibalule amacala afakwa uMntwana uMbonisi kaBhekuzulu, esithe amanye sengathi 'uvele aphuphe ebusuku bese evuka ekuseni eyowafaka'.
Sithe sona asinendaba nemihlomulo esiyithola kuhulumeni, sathi singaphila ngaphandle kwayo.
ISilo siphinde sasebenzisa ithuba izolo ukwethula ngokusemthethweni uNdlunkulu waso omusha, (Nomzamo) uKaMyeni.
UNdunankulu kaZulu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, uthe amalungu ebhodi eNgonyama Trust nabasebenzi benza sengathi Ingonyama Trust eka-Nkk Didiza.
“Ngesikhathi iSilo sihlela lo mhlangano, isikhulu esiphezulu kwiNgonyama Trust, sibuze ukuthi ngabe uNkk Didiza uwugunyazile yini umhlangano.”
Omele iSilo endlini yobuholi bomdabu, uMntwana uSimphiwe Zulu, ubuze ukuthi kungani Ingonyama Trust iphethwe ehhovisi likaNkk Didiza.
“Kungani ingaphethwe lapha KwaZulu-Natal? Laba bantu abayiphethe ePitoli abanandaba nayo, bafuna ibhidlike. Ukuba iphethwe lapha KwaZulu-Natal ngabe iphethwe abantu abayikhathalelayo.”
Inkosi Russell Nsikayezwe Cebekhulu ikhale ngokuthi amalungu ekomiti lasePhalamende elibhekelele ezomhlaba awayifuni Ingonyama Trust.
Uthe uZulu kufanele uhlanganise imali, ukuze uyokulwa udaba lweNgonyama Trust enkantolo.
Usihlalo wendlu yobuholi bomdabu KwaZulu-Natal, iNkosi Sifiso Shinga, namakhosi asesigungwini sale ndlu, bebengekho emhlanganweni.
Ngaphambi komhlangano uShinga ubebhale incwadi, ephakamisa ukuthi iSilo sihlehlise umhlangano.
Iphini likaNdunankulu kaZulu, iNkosi Phathisizwe Chiliza, lithe ngesikhathi lisengusihlalo wendlu, abakaze baphikisane nokusuke kushiwo iSilo.
Uthe babeshiya konke ababekwenza uma sekukhulume iSilo.