LUNGILE MAJOKA
U KUWINA noma ukudlala idraw kweBanyana Banyana emdlalweni wakusasa neDR Congo yikhona okuzoqinisekisa ukuthi iBanyana idlulela kuma-semi final e-African Women’s Championship ese-Equatorial Guinea. Umdlalo ungo 6.30 kusihlwa gokwesikhathi sakuleli.
Lona kuzobe kuwumdlalo wokugcina wamaqoqo njengoba omunye ka-Group A uzobe ubophele i-Equatorial Guinea neSenegal.
Kuleli qoqo yiGuinea eqhwakele ngamaphuzu ayisithupha kulandela ukubhaxabula iDR Congo ngo 6-0 ngoLwesithathu kanti kowokuvula idlule ngo 1-0 kwiBanyana.
IBanyana ithole amaphuzu amathathu ngemuva kokwehlula iSenegal ngo 1-0 emdlalweni elahle inqwaba yamathuba.
Umqeqeshi uJoseph Mkhonza udumele ngesihlava esihlasele abagadli bakhe sokuganga ngamathuba.
Emdlalweni weSenegal, u-Andisiwe Mgcoyi, ogcine eshaye igoli kanti oPortia Modise noNoko Matlou baziyekele ukubhakuzisa inethi sebebhekene nonozinti.
“Ayikho into esingayenza ngaphandle kokuqhubeka nokulwa nale nkinga ejimini. Ngigculisekile ngendlela esidlale ngayo. Besiwuphethe umdlalo kodwa ekugcineni sadlala ngomsebenzi,” kusho uMkhonza.
Elakuleli lizosuka esiqhingini saseMalabo namuhla, lilibhekise eBata.
Ngokwamaphuzu, elakuleli liyalingana neDR Congo ngamathathu.
“Ayikho enye indlela, kumele sinqobe ukuze sidlulele phambili. Ngiyibukile iDR Congo idlala ne-Equatorial Guinea. Idlala ibhola elifanayo neleSenegal kodwa ngeke ngibambelele kulokho ngoba bangashintsha uma sebedlala nathi. Bayiqembu elihlukile, kuzomele sibahlelele ngendlela ehlukile. Okusemqoka wukuthi senze konke okusemandleni ukuze siwine,” kusho uMkhonza.
Uma iBanyana idlulela phambili ngokulala indawo yesibili eqoqweni layo ingase izithole isinomqansa kuNigeria noma i-Ivory Coast abazihola phambili kuGroup B.
Imidlalo eyandulela owamanqamu ingoLwesithathu kuthi owamanqamu ube ngeSonto elizayo.
Imidlalo ye-AWC kusasa: Group A, ngo-5.30pm: Equatorial Guinea v Senegal (Malabo); South Africa v DR Congo (Bata)
NgeSonto Group B, ngo-5.30pm: Nigeria v Ivory Coast (Malabo); Cameroon v Ethiopia (Bata)