UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uzokwethula inkulumo yakhe yokugcina ayibhekise esizweni kusukela athatha izintambo kwesobumengameli.
Izakhamuzi zakuleli zikhala zingashayiwe ngobubanzi bezinkinga ezithinta, amanzi, ugesi, ukwentuleka kwemisebenzi, ubugebengu, ukukhula kwemalimboleko, uphethroli, intengo yokudla nomonakalo owadalwa yizikhukhula. Abaningi ezinkundleni zokuxhumana bathi kuningi, kuningi, kuningi.
UGESI
Iyaqhubeka inkinga yokucishwa kukagesi ongenhloso yokuwonga ezweni lonke, kanti abaningi sebelahle ithemba ngokunqotshwa kwayo. Ngokocwaningo olwenziwe abe-Outlier ngo-2023 izwe selibe namahora angu-6,947 okucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga.
IMISEBENZI
Kukhalwa nxazonke ngokwentuleka kwemsebenzi kuleli, ikakhulukazi intsha eneziqu. Izwe ligoqe u2023 isibalo sabangasebenzi sihleli ku-7.8 million nokuyinto ekhalisa kakhulu izinyunyana ezisola uhulumeni ngokungabi nezinhlelo eziqondile zokulekelela intsha.
IZIKHUKHULA
Usemkhulu umonakalo ongakalungiswa owadalwa yizikhukhula. Ukuhlolwa kwezindawo ezikhahlanyezwe yizikhukhula njengezivelelwe yinhlekelele, kuzophoqa ukuthi omasipala abathintekayo bahlele kabusha isabelomali sabo ukuze kulungiswe ingqalasizinda ecekeleke phansi.
IMALI-MBOLEKO
Ihleli ku-8.25% - Umphathi weBhange loMbuso, iSouth African Reserve Bank (Sarb), uMnuz Lesetja Kganyago, uthi akazi ukuthi izokwehla nini imali-mboleko kodwa abantu kufanele babuke amandla emali.
INTENGO YOKUDLA
Kuyaqhubeka nokwenyuka ukudla njengoba igilosa yomndeni omkhulu isibiza uR4 401.02, isuka kuR4 275.94 ngoDisemba. Ukubiza kwegilosa kusho ukuthi imindeni eminingi ikuthola kunzima ukuthenga konke ukudla okunomsoco.
UPHETHROLI
Kukhale abaningi kunyuka uphethroli ngemuva kokwehla izinyanga ezimbalwa. Uphethroli ongenayo i-lead kuwo womabili amabanga (93 kanye no-95) ukhuphuka ngo-75c ilitha. Intengo kadizili ikhuphuka phakathi kuka-70c no-73c. Intengo kapharafini inyuke ngo-53c ilitha kanti intengo enkulu yokudayisa ye-LP gas ikhuphuka ngo-37c ngekg.
UBUGEBENGU
Izibalo zobugebengu zekota yesithathu ku-2023 zakhombisa ukuthi abantu basaqhubeka nokubhekana nenkinga enkulu yobugebengu obunodlame, ikakhulukazi ukubulala kanye nokuzama ukubulala. Izinga lokubulawa kwabantu ezweni ngo-2022/23 laliphezulu kakhulu eminyakeni engu-20 uma kuqhathaniswa no-2012/13.