KUPHENYWA amacala evile ku-300 enzeka komasipala abangu-123 bakuleli athinta inkohlakalo ehlukene.
Amacala aphenywa Oklebe besebenzisana namaphoyisa kanjalo nophiko lwezokushushisa kuleli i-NPA.
Lokhu kuvele izolo ngesikhathi lezi zinhlangano zivele phambi kwekomiti lezoMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu ePhalamende, zizochaza ngamacala eziwaphenyayo komasipala.
Kulo mhlangano kukhalwe ngokugqoza kophenyo kwamanye amacala asuke ephenywa komasipala.
Inhloko yoKlebe, u-Advocate Godfrey Lebeya, ithe baphenya amacala angu-325 enkohlakalo komasipala abangu-123 kuleli.
Uthe KwaZulu-Natal baphenya amacala angu-19, kuthi eWestern Cape angu-21, eNorthern Cape angu-11 kanti amacala amaningi abawaphenyayo aseNorth West angu-64.
EKZN amacala ayisikhombisa asenkantolo, amabili kulindwe isinqumo seNPA sokushushisa, kuthi angu-10 kusaphenywa kuwona.
Komasipala abaphenywayo kubalwa neTheku, Msunduzi, Mkhanyakude, Harry Gwala, Umdoni, Alfred Duma, Umgeni, Ray Nkonyeni nabanye.
ULebeya uthe bafike baphenye bese bedlulisela kwiNPA ethatha isinqumo ngokuthi ishushise noma ingashushisi.
Inhloko yeNPA, u-Advocate Shamila Batohi, ikhale ngokuthi inkohlakalo idla lubi komasipala njengokubalula koMcwaningi mabhuku jikelele.
Uthe benza konke okusemandleni ukushushisa abasuke bethinteka enkohlakalweni.
Uveze ukuthi baningi asebeshushiswe ngempumelelo baze bathola nezigwebo ezinzima.
“Kuningi esikwenzayo okuthinta ukushushisa abasuke benze inkohlakalo sibayise ejele. Siyavuma ukuthi kukhona ukuhamba kancane kohlelo kodwa senza konke okusemandleni ukuphothula amacala.”
USihlalo wekomiti, uMnuz Fikile Xaso, unxuse lezi zinhlaka ukuthi zibhukule ziphenye bese kushushisa abathinteka enkohlakalweni.
Uhlabe ikhwelo emaphoyiseni wathi akangayeki ukuphenya eyokubulawa kwamakhansela komasipala.
“Inkinga enkulu esibhekene nayo eyokubulawa kwamakhansela kuleli. Amaphoyisa awangayiyeki ukuphenya eyokuthi kunezinkabi eziqashwe abantu abasebenzela omasipala abazisebenzisela ukuthi zibulale ozakwabo,” kugcizelela uXaso.
Uthe akukwazi ukuthi umkhakha obaluleke kangaka ongabe ugxile ekuhambiseni izidingo zomphakathi ukuthi udume ngeyezinkabi ezikhokhelwa komasipala ukuthi zibulale amakhansela.
Amaphoyisa aveze ukuthi aphenya uMasipala waseMdoni, ngecala elithinta ukungalandelwa kwemigudu efanele ngokuqashwa kwabasebenzi ababalelwa ku-60 ngendlela engafanele, okubandakanya imali ebalelwa kuR1.2 million.
KuMasipala i-Alfred Duma aphenya ngokuvela kwencwadi okuthiwa yayikokoteliwe ngokuqashwa kowayezokwakha umgwaqo odla uR5 million, okuvela ukuthi owayenikwe ithenda wayengazange asifake isicelo sokwenza umsebenzi.