ITHEMBISE ukubeka eqhulwini ukuhlinzekwa kwabantu ngamanzi, imeya entsha kuMasipala i-Zululand okuthiwa ikhethwe ngo-elethu, emhlanganweni womkhandlu wamakhansela.
Kuphele ukuqagela ngozongena njengoba, uMnuz Michael “Mkhonyovu“ Khumalo we-IFP, egcine engene kulesi sikhundla, esivuleke kushiya uMfundisi Thulasizwe Buthelezi osekunguMphathiswa woMnyango wezokuBusa ngokubambisana nobuHoli boMdabu esifundazweni. Phambilini, kuke kwaba namahlezi abeveza ukuthi umholi we-NFP, uMnuz Ivan Barnes, uyena othishiwe ekubeni yimeya kulo masipala
Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba wumasipala, uKhumalo uthembise ukusebenza ngokuzikhandla nokuthembeka kulesi sikhundla.
“Ngifisa ukudlulisa ukubonga kwami emkhandlwini wamakhansela ngokungethemba. Ngethembisa ukuhola ngokuthembeka nokuthi kube nokusebenzisana kwawo wonke amaqembu ezepolitiki angaphansi kwalo masipala,” usho kanje.
Lo masipala omkhulu, unomasipala abahlanu ngaphansi kwawo okuwuMasipala Ulundi, Nongoma, Phongolo, iDumbe nowaBaqulusi. Iningi lezindawo ezakhele labo masipala zinenkinga yokushoda kwamanzi.
UKhumalo useke waba usomlomo kuMasipala Abaqulusi, ngaphambi kokuthi ahoxiswe kulesiya sikhundla ngo-2022, emva kokuthi kuthiwa wakhuluma budedengu ngesikhathi ehambele umngcwabo kazakwabo owayeyikhansela kulo masipala. Inkulumo eyamdonsela amanzi ngomsele, ayenza kulo mngcwabo eyokuthi kumele kuphenywe isikhala kuqashwe ingane yekhansela, uma kungukuthi azikho izikhalo kuxoshwe umuntu we-ANC, kodwa wabuye waxolisa.