UMNYANGO wezokuThutha uthe ngeke kuphazamiseke ukushicilelwa kwamalayisensi yize umshini owashicilelayo usaphukile.
INingizimu Afrika inomshini owodwa wokushicilela amalayisensi onezinsimbi ezilandwa eGermany njalo uma uphukile.
UMnuz Collen Msibi, okhulumela uMnyango wezokuThutha kuzwelonke, uthe umshini ubuhlolwa ngo-Ephreli 5 kuya ku-Ephreli 19 kwase kutholakala ukuthi kunensimbi ephukile.
“Kunensimbi edingeka lapho kwakhiwa khona umshini okufanele ifakwe. Kuzothatha amasonto amabili kuya kwamathathu ukuthi siqhubeke nokushicilela amalayisensi. Siqinisekisa abantu ukuthi ngeke kuphazamiseke ukukhiqizwa kwamalayisensi. Abaqhubeke bafake izicelo,” kusho uMsibi.
Uveze ukuthi okwamanje awekho amalayisensi angakubona, wonke umsebenzi uhamba kahle.
“Siyacela abantu baqhubeke nokufaka izicelo zokuvuselela amalayisensi nokwenza amasha ngoba siyasebenza. Safunda ngesikhathi seCovid-19 ukuthi kufanele senzenjani uma sibhekene nezingqinamba. Akukho ukuphazamiseka esikulindele ngenxa yokuthi umshini usalungiswa,” kusho uMsibi.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka odlule kwaphazamiseka ukushicilelwa kwamalayisensi emuva kokufa komshini owathatha isikhathi eside ukuthi ulunge.
UMnuz Mduduzi Makhunga, okhulumela iSantaco KwaZulu-Natal, uthe uma kufe umshini wokushicilela amalayisensi bayaphazamiseka abashayeli bamatekisi ngoba bagcina sebeshayela ngamalayisensi aphelelwe yisikhathi.
“Amaphoyisa awayixoxi indaba yelayisensi ephelelwe yisikhathi, umshayeli uba senkingeni yokuhlawuliswa. Siyacela uMnyango wezokuThutha ulusukumele udaba lomshini ofile, usheshe ulungiswe ukuze abashayeli bethu bashayele ngamalayisensi asesimeni esikahle,” kusho uMakhunga.
Uthe uma ilayisensi isiphelelwe yisikhathi abashayeli bangena ezindlekweni zokuthi bakhokhe imali ethe xaxa ukuvuselela amalayisensi abo nokwenza amalayisensi esikhashana ukuze bathuthe umphakathi.