IBAMBABUKHOSI lesizwe saKwaButhelezi, uMpikayise Buthelezi, liveze ukuthi undunankulu okhotheme, inkosi Mangosuthu Buthelezi, ngeke itshalwe ebusuku njengoba kuyaye kwenzeke kwamanye amakhosi.
Uthe lokhu kungenxa yokuthi uButhelezi uzothunwa nguhulumeni ngokwesigabeni sokuqala.
UMpikayise uthe uButhelezi uzotshalwa emva kwenkonzo yomngcwabo ehlelwe wuhulumeni ezokuba senkundleni yezemidlalo iPrince Mangosuthu Buthelezi Stadium, kusasa.
“Kuzoqala uhlelo lukahulumeni, bese emva kwalokho kuba ngamabutho. Amasosha namabutho bazombuyisa bamlethe lapha ekhaya, bese-ke siyamtshala.”
UMpikayise uthe isidumbu sikaButhelezi sizolandwa ngamabutho namhlanje emakhazeni lapho kade sigadwe ngabaqaphi abesebenza nabo.
“Uzolandwa ngamabutho. Sifuna ukuthi asheshe afike ekhaya ukuze ezophumula kahle.”
UMpikayise uthe akukho umndeni ongazange ukwenze emizamweni yawo yokuhlenga impilo yobengundunankulu kaZulu okhotheme, inkosi uButhelezi.
UMpikayise uthe igumbi lokulala likaButhelezi bese lifana nasesibhedlela ngenxa yemizamo yokumsindisa abebeyenza.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma emzini kaButhelezi, KwaPhindangene, izolo.
UButhelezi ukhothame kungakapheli amasonto amabili ebuye esibhedlela lapho abesehlale khona isikhathi esingaphezu kwenyanga elashwa.
UMpikayise uthe ngesikhathi uButhelezi esesibhedlela ubedunguzela kodwa eziqinisa.
“Ngake ngaya kombona esibhedlela. Ngambona ukuthi ubambekile. Ngathi uma ngingena wavula amehlo, wathi Shenge. UButhelezi ubenale nto yakhe yokuhlonipha, ubekukhulekela wena kuqala ungakamkhulekeli.”
UButhelezi uqale wangeniswa esibhedlela eyolashelwa izinhlungu ebesezimphathe isikhathi eside, wabe eseyadedelwa.
Uphinde wabuyiselwa esibhedlela ngenxa yokungelulami ngokushesha, okuyilapho efike wahlala isikhathi eside esibhedlela.
UMpikayise uthe ngesikhathi uButhelezi esehleli isikhathi eside esibhedlela, kube nezikhalo kwabathile, bathi akalandwe.
“Abantu babengishayela ucingo bengibuza ukuthi ngithule ngithini inkosi ihleli esibhedlela isikhathi eside kangaka.”
UMpikayise uthe uButhelezi naye ubengasafuni ukuba sesibhedlela ngaleso sikhathi.
Wagcina ededeliwe esibhedlela.
“Ngenxa yokuthi wayengasafuni ukuba sesibhedlela, saze saphakamisa ukuthi akakhonjiswe zonke izintaba zangakubo khona umqondo uzokwamukela ngempela ukuthi akasekho esibhedlela.”
UMpikayise uthe noma uButhelezi esesekhaya, miningi imizamo abayizamile.
“Akukho umndeni wakwaButhelezi ongakwenzanga ukuzama ukubamba umphefumulo wakhe. Ilawu lenkosi bese liphenduke isibhedlela ngenxa nje yemizamo yokubamba umphefumulo.”
UMpikayise uncome isibindi sikaButhelezi, waze wamfanisa nombumbi wesizwe samaZulu, uShaka.
“Lona nguShaka wesibili. Akekho oyofana naye. Ubenesibindi esisabekayo. Bekuthi uma kuthiwa akuyiwa lapho, yena avele aye. Ubekwazi nokubekezela noma kunzima. Ubekwazi ukubekezela ngisho endlunkulu noma kunzima.”
UMpikayise uthe basebenze kahle noMntwana ngesikhathi embambele ubukhosi.
“Ubengangiphazamisi. Into abeyifuna nje wumbiko. Beniphambana uma wenza into ungazange ubike.”
UMpiyakhe uveze ukuthi okuningi bebekuxoxa ngocingo ngenxa yokuthi uMntwana ubehlezi ematasa.