USOMABHIZINISI waseThekwini, uMnuz Moses Tembe, uthe wayemfuna ebhokisini lofakazi aziphendulele noma engumsolwa umrepha uKiernan Forbes owayedume ngelika-AKA owayekhona kushona indodakazi yakhe, u-Anele Tembe, eminyakeni emithathu edlule.
U-Anele washona ngemuva kokuwa esitezi seshumi ehhotela ayelele kulo no-AKA ayethandana naye ngaleso sikhathi, naye okwathi ngonyaka odlule, wadutshulwa ephuma endaweni yokudlela emgwaqweni uFlorida eThekwini.
UTembe ukhulume okokuqala ngalezi zigameko zombili nentatheli yeSABC uChriselda Lewis, engxoxweni ekhethekile ebikhonjiswa kwiSABC News (404), izolo.
Le ngxoxo iqoshwe emtapweni wolwazi owaqanjwa ngo-Anele esikoleni ayefunda kuso eThekwini.
UTembe uveze ukuthi wayemthanda u-AKA futhi akanaso isizathu esasingaholela ekutheni ambulale.
“Engangikufuna kuye ukumbona ebhokisini enkantolo echaza ngokwenzeka ngosuku okwashona ngalo indodakazi yami. Mina nomndeni wami sihlala lapha eThekwini, isigameko senzeka eKapa. Ngaphukelwa umoya ngibuka indodakazi yami ivalwe ngopulasitiki ocwebezelayo ezindabeni ngingakwazi ukufinyelela khona ngokushesha. Udaba ngaluthola ngomfowethu owafika ezongibikela ngosuku lwangeSonto engangilungiselela ngalo ukuya enkonzweni. Ngemuva kwalokho, ngazibuza ukuthi ubenobani? Ubani owazama ukumsiza njengoba sezwa ukuthi kwaphela imizuzu engu-20 ephila, futhi wayeyedwa emgwaqweni nokwaze kwaqhamuka owesifazane wambona elimele,” kusho uTemba.
Uthe ngokwakhe, uphenyo aluhambanga ngendlela afisa ngayo kuze kube manje.
Uveze ukuthi uphiko lwezokushushisa, iNPA eWestern Cape luhambise kancane uphenyo lwaleli cala kuze kube manje.
Ebuzwa ukuthi uzizwa kanjani ngokuchaywa kwegama lakhe ezinkundleni zokuxhumana ngokufa kuka-AKA, uTembe uveze ukuthi angeke aze aphendule abantu abazifihlayo nangabazi.
“Ngisho emndenini wami kukhona ababethi uKiernan kumele aboshwe ngokushona kuka-Anele kodwa kukodwa engangikusho, ukuthi kumele silinde umthetho udlale indawo yawo. Abantu abasola mina nomndeni wami ngokuba nesandla ekushoneni kuka-AKA kuyacaca abawazi umndeni wami nokuthi singabantu abanjani,” kuchaza yena.
UTembe ukhuluma kanjena nje, bayisikhombisa abesilisa ababoshiwe ababhekene necala lokulawa kuka-AKA nomngani wakhe uTebello Tibz Motsoane.
Ababili kubo basagcinwe ezitokisini eSwatini, lapho baboshehlwa khona, kusalindwe kulalelwe isicelo sokuthi babuyiselwe kuleli.
Kuleli sonto kulindele ukuthi kuphume incwadi ekhuluma ngothando luka-AKA no-Anele ebhalwe uMelinda Ferguson ethi When Love Kills: The Tragic Tale Of AKA And Anele.