OKWENZEKA komasipala abaphethwe ngohulumeni bokubambisana kuleli, kwenza uzibuze ukuthi uma kusha emthini omanzi, kazi kowomile kuyoba njani?
Kucacile ukuthi ukubusa ngokubambisana kwamaqembu ehlukene, kudala ukuthi kungabi nozinzo kuhlale kuklwejwana. Phambilini i-ANC ibibusa omasipala abaningi, inkinga iqale ngesikhathi isiyehlelwa wukwesekwa ezindaweni eziningi. Ukudamba kokwesekwa kwe-ANC kugqame ngonyaka odlule ngesikhathi sokhetho lohulumeni basekhaya.
Lokhu kubusa ngokubambisana kwenzeka uma lingekho iqembu elinqobe ngokugculisayo okhethweni. Lelo elithole amavoti amaningi nakuba lingakwazi ukubusa umkhandlu, lixoxisana namanye kuhlanganwe. Kwenza amanye amaqembu azibone enethuba lokuketula amanye kube yiwona aphatha umasipala.
Ukubusa ngokubambisana esikhathini esiningi kudala impikiswano ngoba kusuke kuhlangene amaqembu anezinhloso ezehlukene nemigomo engafani. Amaqembu wonke asuke efuna ukugqama athole ithuba lokuzibonakalisa kubavoti. Kamuva nje uDkt Mpho Phalatse we-DA, obeyimeya yaseGoli uketuliwe esikhundleni. UDkt Phalatse ukhishwe ngevoti lokungabethembi ubuholi bakhe. Uqale ukuzwa izigi ngesikhathi kukhishwa uMnuz Alex Christians, obengusomlomo kumasipala.
Esikhundleni sikaChristians kungene uNksz Colleen Makhubele, weCope. UNksz Makhubele ubize umhlangano wokuketula uPhalatse. Emuva kokuketulwa kukaPhalatse kukhethwe uMnuz Dada Morero, onguSihlalo we-ANC eGoli. Kwenzeka konke lokhu nje, naseNelson Mandela Bay Metro, kujwayelekile ukudlala uginqigonqo. Ngenyanga edlule kukhishwe uhulumeni wokubambisana obuholwa yi-ANC, kwangena i-DA, yafaka iMeya uMnuz Ritief Odendaal.
Kusukela ngo-2016 bekulokhu kunomdonsiswano kulo mkhandlu ozinze e-Eastern Cape. Nakhona lokhu kudalwa wukuthi alikho iqembu elinqobe ngengcaca ukuze likwazi ukubusa umkhandlu.
Uma kubuswa ngokubambisana kuba nomsindo kugcine kuba nzima ukuphasisa ngisho amabhajethi komasipala namaphuzu awaphasi kuyaphikiswana. Ekugcineni lokhu kuba nomthelela omubi ekuhlinzekeleni imiphakathi ngezidingo, nokuyiyo esuke ivotele abepolitiki.
Ngo-2024 kuyiwa okhethweni lukazwelonke lapho abantu bazothola ithuba lokuvota babeke uhulumeni othandwa yibona. Okunye okuqaphelekile wukuthi amaqembu athumele izithunywa zawo emazweni angaphandle ayofunda kabanzi nohulumeni bokubambisana. Kungenzeka ukuthi azilungiselela ukuthi ngo2024 uhulumeni wokubambisana ubafice bemi ngomumo? Kubukeka sengathi zizodlana imilala amaqembu efuna ivoti. Uma ubheka isimo komasipala ababusa ngokubambisa, silahlisa ithemba.
Konke lokhu okwenzekayo kwenza umuntu azibuze ukuthi uma kungenzeka izwe liphoqeleke ukubusa ngokubambisana kuzwelonke kuyoba njani? Ukugqoza kwabavoti nokwehla kokwesekwa kwenhlangano ebusayo kwenza kubukeke kuseduze ukubusa ngokubambisana. Okunye wukuthi amaqembu ezepolitiki maningi kakhulu kuleli futhi wonke afuna amavoti. Lokhu kwenza amaqembu acazelane ngamavoti. Abanye basuke bezizamela inhlanhla nje, uma bevula amaqembu.
Umhlaziyi wezepolitiki, eNyuvesi iWestern Cape, uSolwazi Bheki Mngomezulu, uthe izwe alikakulungeli ukubuswa ngohulumeni wokubambisana.
“Kuyabonakala ukuthi kuyehla ukwesekwa kweANC kanti ayikho inhlangano ebonakalayo, abantu abangaphephela kuyona. I-ANC ngapha iyaqhubeka nokuzigwaza ngowayo, konke lokhu kungasifaka kuhulumeni wokubambisana ngo-2024. Amaqembu ayehluleka wukungena ngenxeba le-ANC bese ethatha amandla,’’ kubeka uSolwazi uMngomezulu.
UMngomezulu uthe kumanje i-ANC isenkingeni yokubhedelwa ukubambisana namadlelandawonye awunxantathu. Uthe kubukeka kuyoba nzima ukuba nohulumeni wokubambisana onozinzo ezingeni likazwelonke ngenxa yokwehlukana kwemibono yamaqembu. Wathi okwenzeka komasipala kusidwebela isithombe esicacile.
Omunye umhlaziyi uMnuz Thabani Khumalo, uthe kuyoba nzima kakhulu uma kungase kubuswe ngokubambisana ezingeni likazwelonke.
“Ukungasebenzi kukahulumeni wokubambisana akuyona inkinga yezwe lethu nje kodwa yinto yomhlaba wonke. Kufanele ngabe uhulumeni wokubambisana usebenza kahle ezingeni lomasipala ngoba basondelene kakhulu nezidingo zabantu kodwa akwenzeki lokho,‘’ kusho uKhumalo.
UKhumalo uthe okunye okubuye kube nzima wukuthi amaqembu asuke enemibono nemigomo engafani ezintweni ezehlukene bese eyashayisana.
“Uyacabanga nje imigomo yezangaphandle, eyezomnotho neminye, akwefani, nokuyinto eyodala inkinga uma kufanele kuphathwe izwe ngokubambisana. Abanye bangenele ukuzozocebisa kwipolitiki abanandaba nabantu,’’ kubeka uKhumalo.
Uthe isisombululo sokuthi izwe lingayi kuhulumeni wokubambisana, wukuthi amaqembu asebenze kanzima bese kuba khona elinqoba ngengcaca, lingene emandleni. Udweshu oluke lusuke ePhalamende lwenza ubone ukuthi uma kungake kubuswe ngokubambisana, kusho ukuthi inkinga ingaba nkulu kakhulu.