LUZOSHAYA ngonyawo olwehlukile ukhetho oluzayo futhi lubonakala luzodidiyela ingxube yamaqembu ezepolitiki ayengekho ngo-1994. INingizimu Afrika kulindeleke ukuthi iye okhethweni lukazwelonke ngo-2024, ngoba lo hulumeni owakhethwa ngo-2019, uzophelelwa yisikhathi.
Lolu khetho luzoba ngolwehlukile futhi kuqapheleka izinto ezimbalwa ezizobe ziqala ukwenzeka. Okokuqala nje kuzobe kuhlangana iminyaka ewu-30 kwangenwa embusweni wentando yeningi ngaphansi kukahulumeni wabantu abamnyama. Kusemqoka lokho uma izwe lijeqeza emuva lapho lisuka khona.
Kubonakale isixaxa samaqembu ezepolitiki kuzwelonke athi afuna ukuginqa phansi i-ANC, azibiza ngeMulti Party Charter for South Africa. Lesi sixaxa saqala sethulwa ngokuthi yiMoonshot Pact. Sebesisayinile isivumelwano sokusebenzisana kepha akwaziwa ukuthi lokhu kuzoza namuphi umehluko ezibalweni zokhetho.
I-ANC isalokhu iqhoqhobele izintambo zombuso yonke le minyaka edlule kanti kwehlukene imibono ngendlela ephethe ngayo. I-ANC iphethe uhulumeni kanti ihola izifundazwe eziyisishiyagalombili kuleli bese kuthi iWestern Cape, ibe sezandleni zeDA.
Nakuba lungakakhonjwa usuku lokhetho kodwa uhulumeni uphelelwa yisikhathi ngoMeyi ngoba usuke ubekelwe iminyaka emihlanu ubusa bese kuyiwa okhethweni. Amaqembu aseqalile ukuphuma agcwale amaqele ehambe ekhonga amavoti.
Inhlangano yezokhetho kuleli i-IEC, isiqalile ukubonakala itatazela sengathi kungena udwendwe. Lokho kucacisa ngokusobala ukuthi iyawuqonda umsebenzi oyihlalele.
Isikhulu se-IEC KwaZulu - Natal, uNkk Ntombifuthi Masinga, sike sadalula ukuthi iphepha okuzovotwa ngalo lizoba lide ngendlela engakaze ibonwe. Nakuba iphepha beliba lide kodwa kulokhu kwedlulele okusho ukwanda kwamaqembu, abanye abakutolika ngokuvuthwa kwentando yabantu.
Lokhu kusho ukuthi abavoti kufanele baqaphelisise kahle uma sebeshaya isiphambano eduze kwamaqembu abo ngoba kuzobe kukhetha ukhethi impela amaqembu efolosile emaningi. Obunye ubungozi obukhona obokuthi amanye amaqembu acishe abe nemibala efanayo. Lokho nje, kungase kwenze ukuthi kuduke amavoti abantu bedidwa yimibala.
UNkk Masinga uthe okwamanje banamaqembu awu-560 abhalise ngokusemthethweni angase angenele ukhetho. Wathi kuleso sibalo awu-360 azokwazi ukuqhudelana kuzwelonke nasezifundazweni. Amanye abhalisele ukuqhudelana emazingeni aphansi.
Phezu kwalokho kusazoba nabangenele ukhetho ngokuzimela. Phambilini bekungajwayelekile ukuthi kube nabantu abangenela ukhetho ngokuzimela kuleli kodwa umthetho usuyabagunyaza. Akungabazeki ukuthi isibalo samaqembu ezepolitiki senyukile kuleli ngoba asungulwa mihla, namalanga.
Kukhona abahlubuke emaqeninjini abo bajoyina amanye kanti kukhona nabahlubukile basungula wabo. Impelasonto yokubhalisela ukuvota ikhombise ukuba nempumelelo futhi abantu baphumile ngobuningi babo ikakhulu abazobe bevota okokuqala.
Isikhulu se-IEC uMnuz Sy Mamabolo, sithe ababhalise okokuqala bangu-568 374. Kuvela ukuthi senyukile isibalo sabantu ababhalisele ukuvota ngoba sebengu-26.82 million besuka ku-26.3 million. IGauteng isazihola phambili ngesibalo sabantu ababhalisele ukuvota njengoba bewu-6.2 million abantu ababhalisele ukuvota khona.
Okunye okubuyisa ithemba wukuthi abantu abasha bayaqala ukuzimisela ngokuvota njengoba kuhlala kukhalwa ngokuthi abaveli kahle kwezokuvota. UMmamabolo uthe ebantwini abangu-568 374 ababhalise okokuqala, abangu-445 089 abantu abasha abaneminyaka engu-16 kuya kwengu-29 ubudala.
Omunye umehluko oqaphelekayo wukuthi i-IEC ithe umuntu ngeke esakwazi ukuthi avote noma yikuphi lapho akhona kodwa uzovota lapho abhalisa khona kuphela. Ithe uma kunesimo esiphoqayo kuyofanele umuntu afake isicelo sokuthi uzovota kuleyo ndawo angabhalisanga kuyona.
Phambilini umuntu ubevumelekile ukuvota noma yikuphi okhethweni lukazwelonke. Bekuwukhetho lukahulumeni wasekhaya kuphela lapho umuntu obephoqeleka ukuthi avote lapho abhalisa khona.
Amaqembu ezepolitiki athini ngomnyakazo wokhetho?
Esitatimendeni se-ANC, ibonge abavoti ngokuphuma beyobhalisa, yathi yenze konke okusemandleni ngokuphuma ngobuningi iyonxenxa abantu. I-ANC ithe ikuqaphele ukuthi nabantu abasha bazimisele. Ithe iyaqhubeka nokunxenxa abantu ukuthi bayivotele futhi ibuyekeza izethembiso eyazenza ngo-2019.
I-EFF KwaZulu-Natal ithe ibona ukuthi ukwanda kwesibalo sabantu abasha ababhalisayo kusho ukwanda kwamavoti ayo. Ithe kuyaziwa ukuthi abantu abasha bayayivotela kakhulu lokhu kufakazelwa yindlela engenisa ngayo emanyuvesi akuleli. Ibonge kakhulu abantu ngokuphuma ngobuningi.
I-EFF ithe ukuphuma kwentsha kuqeda umuzwa wokuthi ayithandi ukuzihlanganisa nezinto zokhetho. I-EFF ilokhu iyisongele njalo i-ANC ithi u2024, wunyaka woshintsho njengo-1994 kuleli.
Ibingazibekile phansi i-IFP, iphume nkalo zonke ihamba inxenxa abantu ukuthi babhalisele ukuvota. Ibonge bonke abaphume ngobuningi babo yathi ijatshuliswa wukwenyuka kwesibalo sabantu.
Amehlo athe njo kumengameli wezwe ukuthi akhombe usuku lokhetho eziyoshukana ngalo. Akwaziwa noma ukhetho oluzayo luzoqhamuka nemiphumela ehluke kakhulu nezovula elinye ikhasi kwezokuphathwa kwezwe.