Njengoba amaholidi eseqalile, iDolobha iTheku linezinhlelo zokuvikela izakhamuzi kanjalo nezivakashi ukuze zijabulele amaholidi aphephile.
Lokhu kuvezwe yiMeya yeTheku uKhansela Mxolisi Kaunda, ngesikhathi kwethulwa umkhankaso wezokuphepha ngamaholidi ePeople’s Park.
Isikhathi sonyaka lapho kufika izinkumbi zezivakashi ezivakashela isifundazwe sethu kanjalo nedolobha iTheku. Amaholidi ka-2020 afike ngesikhathi kuliwa neCOVID-19.
Lolu bhubhane oluhlasele emhlabeni jikelele, luphoqe ukuthi siqhamuke nezindlela zokusindisa izimpilo zabantu kanjalo nokubavikela. Ukunyuka kwabahaqwa yiCovid-19, kwenze sahlaba ikhwelo lokuthi abantu abahlale beqaphile, balandele imigomo ebekiwe.
Umkhankaso i-Operation Vala, wethulwe eKZN ukulwa nobugebengu ikakhulu ngalesi sikhathi samaholidi.
Lo mkhakhaso i-Operation Vala ubalulekile eThekwini ngoba yisona sizinda sezomnotho waKwaZulu-Natal, ukwanda kobugebengu eThekwini kunomthelela ongemuhle kusona sonke isifundazwe.
I-Operation Vala izosiza ekutheni kube nokuphepha ezindaweni eziyizizinda zobugebengu eThekwini okuyiNanda, KwaMashu, Phoenix naseMlazi edume ngamacala athinta ukuhlukumeza ngokocansi.
UMasipala weTheku ungomunye okuhlolwa uhlelo lokuthuthukisa izifunda i-District Development Model (DDM), eyathulwa nguMengameli nyakenye kanti i-Operation Vala iyona esiyibona izofeza okuhloswe yiDDM njengoba ihlanganisa zonke izinhlaka zezokuphepha kuwona wonke uhulumeni.
Lo mkhankaso uzolekelela kwezinye zezinhlelo zokulwa nobugebengu ezethulwe umkhandlu weTheku njengeSafer Cities Programme.
ITheku liyaziwa ngokuheha izinkumbi zezivakashi ezisuke zifuna ukuzozipholela emabhishi afudumele kanjalo nakwezinye izindawo ezinomlando.
Kodwa ngenxa yobhubhane iCovid-19, sibone kwehla izibalo zezivakashi eThekwini.
Ngesikhathi samaholidi ePhasika, iTheku lilahlekelwe izivakashi ezingu-165 000, okwenza kwalahleka uR600 million oya kwi-GDP. Umkhakha wezokuvakasha uwodwa walahlekelwa uR4.7 billion wenzuzo.
Njengoba izwe lehliselwa esigabeni sokuqala somvalelandlini ngoSepthemba, sibonile kuvulwa umkhakha wezokuvakasha eDolobheni.
Ngeledlule, siqale umkhankaso i-Rediscover Durban Summer, ngokuvula indawo iPhoto frame abantu abangashutha kuyona uma bevakashele izindawo ezigudle ulwandle, ukuqinisekisa ukuthi abavakashi bahlale bekhumbula izindawo abazivakashela eThekwini.
Lo mkhankaso walandela emuva kokuba amabhishi amahlanu anikwa uphawu lweBlue Flag, yi-Wildlife and Environment Society South Africa. Amanye amabhishi ayisikhombisa asahlolwa ukuthi angahlonywa yini uphawu lweBlue Flag.
Njengoba sigqugquzela izivakashi ukuthi zivakashele eThekwini, siyazi ukuthi izwe lingena kwisivuvu sesibili seCovid-19, futhi sithanda ukunxusa izivakashi kanjalo nezakhamuzi ukuthi zilandele imigomo ebekiwe yokuzivikela kulolu bhubhane futhi kugwenywe imicimbi okugcwala kuyona abantu, engasabalalisa igciwane.
SiwuMkhandlu sinezinhlelo ezilandelayo ukuqinisekisa ukuphepha kwabantu abeza edolobheni:
• Sinohlelo lwamahhala lwe-Park and Ride shuttle service eDrive Inn ukuze kugwemeke isiphithiphithi emabhishi;
• Kuvalwe eminye imigwaqo engenela emabhishi;
• Amaphoyisa omkhandlu nama-CCTV Cameras aqaphe isiminyaminya emabhishi;
• Kuhlanzwa ngesibulali magciwane izindawo zokuzikhulula;
• Kutshalwe ama-lifeguards angu-250;
• Kunamatende ayisikhombisa ezingane ezisuke zidukelene nabazali;
• Kutshalwe abagada izingane abangu-32;
• Kunama arm bands angu-200 000;
• Kutshalwe abahlanza izindawo abangu-130;
• Kuqashwe ama-beach guides angu-69;
• Akuvumelekile ukuphuzwa kotshwala emabhishi.
Ayikho imicimbi ezobe ivumelekile ebhishi ngaphandle kwaleyo ezobe ingagcwele kakhulu, ezobe yenzelwe ukujabulisa abantu.
Sinxusa amalungu omphakathi nezivakashi ukuthi babambisane nabezomthetho nama-lifeguards emabhishi ukuze kusindiswe izimpilo.
Ngalawa mazwi, ngiyanamukela edolobheni lethu elihle iTheku. Ngokusebenzisana sizoqinisekisa ukuthi siba namaholidi aphephile.
Attachments area