SELUNQUNYIWE usuku okuzodudulana ngalo i-ANC, neqembu elisha uMkhonto weSizwe eNkantolo yezoKhetho. Yilapho kuzobangwa khona igama nokubhaliswa kweqembu elisha elesekwa nguMnuz Jacob Zuma.
Izwe lilungiselela ukuya okhethweni lukazwelonke olubhekwe ngabomvu futhi sekulindelwe uMengameli Cyril Ramaphosa ukuthi amemezele usuku.
UZuma, oyingwevu ye-ANC, wamemezela ukuthi uzokweseka iqembu uMkhonto weSizwe avotele lona, hhayi i-ANC ngoba akeneme ngobuholi bayo. I-ANC yakhuza yababaza yathi igama loMkhonto weSizwe ngelayo ngoba kwakuwumbutho wabo wezempi.
UZuma wenza isimemezelo ngoDisemba wonyaka odlule futhi sashukumisa umkhakha wezepolitiki kakhulu. Okwaba yindida wukuthi uZuma wathi akashiyile kwi-ANC, ubulungu bakhe busekhona kodwa uhamba noMkhonto weSizwe futhi uzimisele ukulungisa uKhongolose.
Isolezwe ngeMpelasonto linencwadi yenkantolo ebhalelwe izinhlangothi ezithintekayo zaziswa ngosuku lokulalelwa kodaba. Incwadi igagula uMashi 19 nonyaka, njengosuku okuzodudulana ngalo izinhlangothi zombili. Inkantolo ize ibazise ukuthi uma kuya ngokuthi abasafuni ukuqhubeka nodaba, bayothumela bazise inkantolo ukuze lukhishwe ohlwini.
I-ANC ifuna uMkhonto weSizwe ukhishwe ohlwini lwamaqembu angenele ukhetho.
Incwadi ikhomba ukuthi ivela eNkantolo yezoKhetho ezinze eBlomfontein, eFree State, ngoba kunekheli lakhona. Udaba lubangwa enkantolo nje, i-IEC isikuveze kaningi ukuthi iqembu uMkhonto weSizwe, libhaliswe ngokusemthethweni futhi kwalandelwa yonke imigudu.
Kwenzeka konke lokhu nje, i-ANC isathumele uZuma incwadi emazisa ngesinqumo sokummisa enhlanganweni. Yamthumelela uhlu lwamacala yathi akenze izethulo kuyona. Bekungakacaci noma uZuma uphendulile yini.