KUZOSHINTSHA ukwenza komasipala abashaya udaka kuleli njengoba kuzobunjwa ithimba longqongqoshe abahlukene, abazobhekana ngqo nokulungisa isimo kulabo masipala.
Leli thimba lizobhekana nokuguqula izinto kulabo masipala abangenzi kahle abahlale bethola imibiko engemihle yokusebenza kwemali.
Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMnuz Velenkosini Hlabisa, othe leli komiti lizongena ligamanxe kulabo masipala, libheke amava ezikhulu ezijutshwe khona.
UHlabisa uthe iKhabhinethi inqume ukuthi kumele kubunjwe leli thimba elizoletha uhlaka lokusebenza ezinsukwini ezingu-21 ezizayo.
“Uhulumeni wobumbano ubeke eqhulwini eyokulungisa uhulumeni wasekhaya. Ithimba longqongqoshe lizibekele isikhathi sokuthi lilungise isimo, kwezinye izindawo izinyanga ezintathu, kweminye eziyisithupha kuya kwezingu-12,” kusho uHlabisa.
Uthe sekusele izinyanga ezingu-26 ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya, wathi yingakho besebenza ngamandla ukulungisa isimo kulabo masipala.
Ukusho lokhu ngesikhathi uMcwaningi maBhuku Jikelele evele ngaphambi kwekomiti lalo mnyango ePhalamende izolo, lapho bekuthulwa umbiko wokusebenza kwemali komasipala.
Iminyango athe iyingxenye yekomiti kubalwa owezokuBusa ngokuBambisana, owezokuHlaliswa kwaBantu, owezaManzi nokuHanjiswa kweNdle, uMnyango kaMgcinimafa, owezokuThutha kanjalo nokaGesi naMandla.
UHlabisa uthe uzolinika leli komiti umbiko uma usulungile. Ukhale ngomasipala abangu-10 okubheda uhlelo kubona.
UMcwaningi maBhuku Jikelele, uNksz Tsakani Maluleke, uveze ukuthi omasipala abangu-34 kwabangu-257, abathole umbiko omuhle wokusebenza kwemali.
UMasipala waseKapa yiwona kuphela umasipala kwabakhulu kuleli abaziwa ngamametro, othole umbiko omuhle wezezimali.
KwaZulu-Natal, uMasipala uMhlathuze ungomunye womasipala abathole umbiko omuhle wokusebenza kwezezimali.
UNksz Maluleke ukhale ngokuthi omasipala abaningi bathole imibiko esuke inezinto okudingeka zilungiswe.
“Omasipala abangu-110, bathole umbiko wokusebenza kwezezimali omuhle kodwa kunezinto okudingeka zilungiswe. Omasipala abangu-14 bathole umbiko omubi wokusebenza kanti kudingeka batakulwe kulesi simo.”
Ukhale ngokuthi phezu kokuba omasipala abangama-metro benazo zonke izinsiza kodwa ukhathazekile ngokuthi abenzi kahle.
“Omasipala okubalwa oweTheku, owaseGoli, owase-Ekurhuleni ne-Nelson Mandela Bay, bathole imibiko edinga ukuthi kulungiswe okuthile,” kusho uNksz Maluleke.
Ubuye waveza ukuthi kunokuthi isimo sibe ngcono komasipala abathola imibiko emihle siya ngokuba sibi kakhulu.
UNksz Hlengiwe Mkhaliphi we-EFF, ukhale ngokuthi isimo siba sibi kunokuthi sibe ngcono komasipala ngokusebenza kwemali.
UHlabisa uthe amaqembu ezepolitiki kumele akwazi ukungenelela abuze izimeya ngezikwenzayo emikhandlwini engahambisi ngisho imibiko yokusebenza kwemali.