LIPHIKA lilala ngomhlane ikhansela le-IFP kuMasipala waseNdumeni elisamisiwe, okuthiwa kuphinde kwatholwa imoto yalo nezinkomo okukholakala ukuthi ezokwebiwa, e-Utrecht ngesonto eledlule.
Kuphinde kwaqubuka umsindo ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi kunofaka umbhalo othi kuphinde kwatholwa imoto kaMnuz Dumisani Xaba ophinde abewusihlalo we-IFP nomfundisi ebandleni laseChibini, okuvele ukuthi iphinde yatholakala nemfuyo kwebiwa.
Ozibiza ngoSizwe Mjibhozi obhale ekhasini elithi IFP IN DIVERSITY 2024/2026/2029, ubhale kanje: “Lisaqhubeka ikhansela laseNdumeni nokungcolisa isithunzi seqembu… Kulokhu ubethumele, kwabanjwa imoto yalo nezinkomo zokwebiwa kwabanjwa nemigulukudu.”
UXaba ezihlangula, uthe imoto useyidayisile.
“Imoto ngiyidayise ngoLwesibili olwedlule. Ngebhadi besingakaqedi ukukhokhelana nobeyithengile ngakho isabiza lapha ekhaya. Ngiqale ukubona udaba ezinkundleni zokuxhumana ngeSonto. Amaphoyisa abekade engithinte ngoLwesihlanu ngalolu daba, ngawazisa ukuthi angisahlanganise lutho nemoto,” usho kanje.
Uthe yize kunjalo, yena nomthengi bebengakakhokhelani imali ephelele okuchaza ukuthi imoto isasegameni lakhe, futhi uyena okudingeka ayoyikhipha emaphoyiseni ngoba isabiza yena.
Uthe usenqume ukuthi ayigcine uma eseyikhiphile, okungenani abuyisele abemdayisele imali yakhe ngoba ukutholwa kwayo nemfuyo yokwebiwa kungcolisa igama lakhe. UXaba uthe uxhumanile namdayiselile, kodwa naye waziqhathulula ngelokuthi imoto ibihamba umfana wakhe ngoba yena wayithenga nje kodwa akakwazi ukushayela. Kuthiwa kuboshwe abasolwa ababili ngaleli cala..
NgoMeyi ubesematheni ngesikhathi imoto abehamba ngayo okuyile esiphinde yaboshwa, ibhadanywa amaphoyisa ilayishe izinkomo ezine zokwebiwa emgwaqweni obheke eDundee, okuvele ukuthi zazintshontshwe eDannhauser.
Nakuba Isolezwe belibike ukuthi uXaba naboshwe naye bangaphandle ngebheyili ka- R1 000 futhi kulindeleke ukuthi baphinde bavele ngo-Agasti 28. Kodwa ngesikhathi ethintwa, uveze ukuthi icala abebekwe lona lihoxisiwe emva kokuthi ngoJulayi 18 kuvele umuntu owayeqashe imoto yakhe, okugcine sekuboshwa yena.
Ucele ukungaphawuli agxile kulolo daba njengoba ethe usalinde ukuhlangana neqembu bese emva kwalokho ekwazi ukweneka isayidi lakhe kwabezindaba njengoba ekholwa ukuthi igama lakhe lahudulelwa phansi kakhulu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe kuboshwe abasolwa abathathu abaneminyaka ephakathi kuka-34 no- 45 ngamacala okutholwa nemfuyo eyebiwe, kanti bavele eNkantolo yeMaantshi yase-Utrecht ngoMsombuluko.