LIYAQHUBEKA eNkantolo eNkulu yaseGqeberha icala likamfundisi Timothy Omotoso nababili asolwa nabo, uLusanda Sulani noZukiswa Sithoicala.
Laba basolwa babhekene namacala angu-62 okudlwengula, ukunukubeza ngokocansi, ukushushumbisa abantu nokukhwabanisa.
NgoMsombuluko ufakazi ka-12 uVuyiseka Nontlazi ugoqe ubufakazi bakhe njengomunye wabagilwa wumfundisi.
Lo fakazi owayeyingxenye yabantu abebecula ekhwayeni yebandla lika-Omotoso utshele inkantolo ukuthi unobhala kamfundisi wuyena owayemshayela ucingo ambizele egumbini likamfundis futhi ephoqwa ukuthi enze izenzo zocansi nomfundisi.
“Isigameko sokuqala sokunukubezeka ngokocansi senzeka ngesikhathi unobhala engibizela egumbini lalo mfundisi. Ngifika kulona, wangiphoqa ehlohla ubuso bami phansi kobuntu bakhe, ukuze ngimenze ucansi lomlomo, okuyinto engayenza,” kusho yena.
“Emva kwalokho ngatshelwa ukuthi angizilungise kahle ngizoyodumisa enkonzweni eThekwini.”
Lo fakazi ubephekwa ngemibuzo ngabameli babasolwa.
Namuhla kulindeleke ukuthi kungene ebhokisini lofakazi uCheryl Zondi.
UZondi waba sematheni kuqala icala engufakazi wokuqala ukutshela inkantolo ngokuhlukumezeka akwamehlela ngesikhathi eyilungu lekhwaya ebandleni lika-Omotoso.
Kwavela ukuthi uCheryl wayeneminyaka engu-14 ngesikhathi eqala ukubhekana nokuhlukumezeka ngaphansi kwalo mfundisi futhi kwathatha iminyaka eyevile kwemibili ehlukunyezwa.
UCheryl uzophekwa ngemibuzo ngabameli babasolwa abazama ukuvezela inkantolo ukuthi ngamampunge akhulunywa ngabagilwa ngokuhlukumezeka ezandleni zalo mfundisi, okuthiwa udabuka eNigeria kodwa amagatsha amaningi ebandla lakhe, iJesus Dominion International Church aseNingizimu Afrika.
Amanye amagatsha aleli bandla aseNigeria nase-Israel kodwa ikomkhulu lalo liseThekwini.
Leli cala lisanda kubuya enkantolo ngemuva kokuguqa iminyaka eyisithupha. Kuleso sikhathi abameli babasolwa banikela eNkantolo eNkulu yamaCala aDlulisiwe, ngesicelo sokufakwa okuyisipesheli ngokwesigaba 317 soMthetho weNqubo yezoBugebengu, lapho sikhomba khona ukungahambisani nomthetho nokungahambisani nokuqulwa kwamacala.