LIVULWA ngosuku okwazalwa ngalo owayenguMengameli wokuqala wombuso wentando yeningi eNingizimu Afrika, uMnuz Nelson Mandela, iPhalamende ngenyanga ezayo.
UMengameli wezwe uCyril Ramaphosa uzothula inkulumo yokuvula iPhalamende lehlandla lesikhombisa ngoJulayi 18, 2024.
Uzonaba ngezinhlelo zikahulumeni omusha wehlandla lesikhombisa ngemuva kokhetho lukazwelonke nolwezifundazwe obelubanjwe ngenyanga edlule.
Leli hlandla likahulumeni lizohlala iminyaka emihlanu ngaphambi kokuba kukhethwe obunye ubuholi.
Kulo nyaka kwenzeka okuhlukile njengoba kuzoqale kuvulwe iziShayamthetho bese kuvulwa iPhalamende ngenxa yokhetho.
Okhulumela ihhovisi likaMengameli Cyril Ramaphosa, uMnuz Vincent Magwenya, uthe lo mholi usebhalele uSomlomo wePhalamende, emnxusa ukuthi abize umhlangano wokuhlala kwePhalamende, kuhlanganise neNdlu yoMkhandlu weziFundazwe.
Uthe uzothula inkulumo yokuvula iPhalamende.
“Ukuvulwa kwePhalamende kuhambisana nomgubho wosuku lukaMandela, okuwusuku olwabekwa yi-United Nations. Ngalolu suku umphakathi usuke unxuswa ukuthi wenze umehluko ulandela ezinyathelweni zale ngqalabutho.”
Okhulumela iPhalamende uMnuz Moloto Mothapo, uthe uSomlomo uNkk Thoko Didiza noSihlalo weNdlu yoMkhandlu weziFundazwe uNkk Refilwe Mtsweni-Tsipane, bayitholile incwadi kamengameli enxusa ukuthi babize umhlangano wokuhlala kwePhalamende.
Uthe lo mhlangano ubizwa kulandelwa isigatshana u-84 ngaphansi koMthethosisikelo wezwe.
“Ayaqhubeka amalungiselelo alolu suku olubalulekile. Kubalulekile ukucacisela umphakathi ukuthi ukuvulwa kwePhalamende emuva kokhetho kuhlukile kunomcimbi wenkulumo kamengameli asuke eyibhekise esizweni, okwenzeka njalo ngoFebhuwari minyaka yonke,” kusho uMothapo.
Uthe ukuvulwa kwePhalamende ilapho umengameli ezobe eveza umkhombandlela wezinto ezisuke zizokwenzeka eminyakeni emihlanu yombuso wakhe.
“Inkulumo ebhekiswe esizweni usuke ebalula izinto ezizokwenzeka kulowo nyaka kuphela. Ubika nangesimo sezwe, yingakho kunomehluko,” kusho uMothapo.
Kwenzeka lokhu nje kulindeleke ukuthi kushaye lolu suku umengameli ebe eseyimemezelile iKhabhinethi yakhe.
Okwamanje ziyaqhubeka izingxoxo namaqembu ahlukene mayelana nokubumba uhulumeni.
Umcimbi wokuvulwa kwePhalamende uhambisana nengqephu emalungwini ePhalamende. Kanjalo noma kwethulwa inkulumo kamengameli ayibhekise esizweni njalo ngoFebhuwari amalungu asuke egqoke econsa, kukhona nezimenywa ezehlukene okubalwa nababengomengameli bezwe kanjalo nabantu abenza umehluko ezweni.