ZIYABHIMBA izinto kuSomlomo kuMasipala Abaqulusi, osebhalelwe yiqembu lakhe i-IFP lifuna izincazelo ngenkulumo ayethule kungcwatshwa isishoshovu somphakathi esiyilungu le-EFF kulo masipala.
Incwadi eputshukile Isolezwe eliyibonile iqondiswe kuNksz Nonkululeko Ndlela owuSomlomo nekhansela laleli qembu ibhalwe ngoMgqibelo. Le ncwadi imnikeza umnqamulajuqu wezinsuku eziyisikhombisa ukuthi aphendule ngenkulumo ayethule emngcwabeni kaMnuz Simangaliso Zwane, odutshulwe ebangeni elingatheni ukusuka kubo ngabasolwa abangaziwa ngenyanga edlule.
Ekhuluma kulo mngcwabo, uNksz Ndlela okukholakala ukuthi kumdonsele amanzi ngomsele, uncome isibindi sikamufi owameseka esedayiswe abakwabo (IFP).
“Ngiyamkhumbula, sebengidayisile abakwethu. Amaqembu ezepolitiki anamhlanje ayadayisana, nani niyadayisana, akekho ongcono. Kwakumele ngikhethwe ngibe wusihlalo womama eZululand. Abantu bafaka imisila ngaphansi bonke. Kwaqhamuka amadoda angabafazi athwala amaduku, akhuluma izindaba zabafazi…” washo kanje.
Encwadini ebhalwe wunobhala we-IFP ehhovisini layo elikulo masipala, uMnuz Sifiso Danisa, leli qembu lithi inkulumo kaNksz Ndlela ayethula kulo mngcwabo, ifaka iqembu ehlazweni.
Bafuna acacise ukuthi inkulumo ayeyethula kulo mngcwabo, wayeyethula njengosomlomo na? Bafuna aveze ukuthi wubani omyalele ukuthi akhulume emngcwabeni egameni leqembu nokuthi umngcwabo wayewuhambele njengomholi weqembu le-IFP okukanye wayezihambele nje.
Le ncwadi iveza ukuthi lolu daba lizodluliselwa esigungwini sobuholi obuphezulu be-IFP.
Kuthintwa uDanisa (unobhala), ukuqinisekisile ukuthi incwadi nguyena oyibhalile.
“Beyiqondiswe kusomlomo ngakho anginalo ulwazi lokuthi iputshuke kanjani. Esikudingayo nje ukuthi asicacisele, akuliwa naye. Ngokwehhovisi engikulo, kumele sazi uma umholi ezokhuluma emcimbini othile egameni leqembu. Kodwa ke angifuni kuphawula ngalokhu kakhulu kwazise incwadi seyivele iputshukile nokuyinto engadala umonakalo uma ngingaphawula ngigxile ngayo ngoba kwakungayona incwadi evulelekile,” usho kanje.
Ngaphambi kokuthi uZwane adutshulwe, wayekhala ngayekubiza ngenkohlakalo edla lubi kulo masipala. Phakathi kokunye akubhala ekhasini lakhe kwi-Facebook ngaphambi kokuthi abulawe, wayekhala ngokudutshulwa kwesishoshovu okuthiwa besilwela amalungelo abasebenzi kulo masipala uMnuz Sandile Ntshali. Kuthiwa uNtshali wasinda edutshulwa, walimala kabi okuthiwa bakhona ababoshiwe.
UZwane wayesola ukuthi uNtshali wayekade elalelwe unyendle ngezinye izikhulu kulo masipala ezamthengela izinkabi. Wayegqugquzela umphakathi ukuthi uphume ngobuningi uyokweseka uNtshali enkantolo ngesikhathi kuvela abasolwa ngokumdubula. Kuthiwa ngesikhathi uZwane edutshulwa, ngayizolo wayekade ehambele leli cala, egqugquzele namanye amalungu omphakathi ayeyingxenye yalo.