IDLULE nomphefumulo wephoyisa likaMasipala waseMsinga ingozi eyenzeke izolo kule ndawo.
Ngokusho kwesitatimende esikhishwe yilo masipala, iphoyisa lomgwaqo ebelisebenza kulo masipala, uMnuz Thokozani Xaba, lishayiswe yimoto ngesikhathi lisemsebenzini.
IMeya kamasipala, uMnuz Felinkosi Sikhakhane, ithe uMasipala waseMsinga udlulisa amazwi endunduzo emndenini wakwaXaba emva kokudlula emhlabeni kukamufi.
“Sithi emndenini wokwaShwabada duduzekani yonke into inesikhathi sayo ngaphansi komthunzi welanga. Sengathi uNkulunkulu anganibopha ngebhade likamoya,” kusho uSikhakhane.
Imizamo yokuthola umndeni kamufi ayiphumelelanga.
Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe amaphoyisa aseMsinga avule icala lokubulala ngokungenhloso kulandela ukuthi umufi eshayiswe yimoto ebihamba ngesivinini emgwaqweni uR33 eMsinga.
“Amaphoyisa abesemsebenzini wawo emisa abashayeli bezimoto maqede aziseshe ngesikhathi umshayeli wemoto eyiveni eqhamuka endiza, wahluleka ukuma, wazithela phezu kwephoyisa. Liphuthunyiswe esibhedlela kodwa lafika lahlonzwa njengoseshonile ngesikhathi liqeda kufika,” kusho uNetshiunda.