KUNEMIBIKO ethi kujutshwe ithimba elikhethekile ukuthi lizingele ababulali bomrepha u-AKA, odutshulwe ngentululwane yezinhlamvu ephuma endaweni yobumnandi eWish on Florida, eThekwini ngoLwesihlanu ebusuku.
U-AKA udutshulwe ehamba nomngani wakhe, okuthiwa ubeyimenenja yakhe uTebello Matsoane. Kuvela nokuthi bekukhona nomqaphi ka-AKA osindile ngesikhathi bedutshulwa.
Kuthiwa kubonakale abalisa abebehamba ngemoto abavulele ngenhlamvu kumrepha nomngani wakhe, maqede bashaya bachitha. Kuvela nokuthi u-AKA udutshulwa nje ubeze ngomsebenzi eThekwini. Kufike ithimba eliphuthumayo lamaphoyisa kade kusanda kwenzeka isigameko, lasebenza isikhathi eside livale indawo yesigameko lahamba. Kufike nemoto yathatha isidumbu sikamufi.
Izolo ekuseni kufike elinye ithimba lamaphoyisa abengawufakile umfaniswano, lahlola kabanzi indawo yesigameko isikhathi eside. Abezindaba zeSABC babike ukuthi icala seliphenywa yithimba lobugebengu obuhleliwe esifundazweni, bethi lokhu kuqinisekiswe ngamaphoyisa esifundazweni.
Isolezwe ngeSonto lixoxe nokhulumela amaphoyisa KwaZuluNatal, uColonel Robert Netshiunda ongafunanga ukuphumela obala ngalokhu.
Uthe ucela ukuqinisekisa ukuthi kuyaphenywa, akathandi ukukhuluma ngethimba eliphenyayo. Leli phephandaba libike kungakaboshwa muntu ngalesi sigameko, esishiye abantu bekhexile.