KUVAMBANISE iphunga elingameleleki ezindaweni eziningi kuMasipala weTheku kulandela isiteleka samasonto amabili esesishiye leli dolobha lixathuka.
Ngesikhathi izintatheli zeSolezwe zihambele ezinye izindawo izolo, zizithele ezingqumbini zikadoti ongaqoqiwe nosusaphazeke yonke indawo.
Amafulaha ngamafulaha kadoti ayakhula usuku nosuku njengoba ezinye izakhamizi zisaqhubeka nokuwubeka ngaphandle nakuba omdala ungakalandwa.
Ngokujwayelekile umgwaqo uRiverside, oya endaweni yokulahla udoti eRoadhouse ngaseMngeni, unemizila emibili evumela ukuthi izimoto ziphambane. Kodwa sekusemanyaleni kulo mgwaqo nomzila usuwodwa, omunye ugqitshwe amasaka oplastiki abamnyama abavuza ukubola.
Endaweni yokulahla udoti eSpringfield, kuphithizela izimoto zabantu abazozilahlela ngokwabo udoti, abanye abalunguzi nakulunguza bawulahla bengakangeni.
Ekhoneni lomgwaqo uQuarry Road East noMngeni, uma ubheke ngakwaMakro, abantu sebekhethe ukumbondela udoti ngaserobhothini elikule ndawo, okuyisimo esifanayo nakwezinye izindawo eziningi.
Iphunga kulezi zindawo, liyahila, likwenza ucanuzelelwe yinhliziyo, kubhuza nezimpukane.
Ehostela labesifazane eThokoza ku-Yusuf Dadoo Street, lapho okukhalwa khona ngokuhamba kukagesi isikhathi eside, nokungalandwa kukadoti, izimpethu beziqomfiza obondeni kuleli sonto.
Lesi simo sesibeke engcupheni abantu abangangenwa yizifo ngokungcola okuxake ukwenza. UDkt Carmen James, ongudokotela owelapha zonke izifo, uthe ukulahlwa budlabha kukadoti ikakhulukazi eduze kwemifula kungadala ukuthi amanzi abe negciwane i-Ecoli. Leli gciwane litholakala endleni.
“Udoti kuyenzeka ube namanabukeni, ngakho maningi amathuba okuthi leyo ndle igcine ifinyelela emanzini. Uthe imvelo iyona ethinteka kakhulu uma udoti ulahlwa budlabha ngale ndlela,” kusho uDkt James.
Khonamanjalo, bayabuyela eNkantolo yeMantshi yaseThekwini abasebenzi bakamasipala abangu-13, ababoshelwa icala lokudala udlame emphakathini nelokucekela impahla.
Abasebenzi abebevele okokuqala kule nkantolo ngoLwesithathu kulindeleke ukuthi bacele ibheyili.
NgoLwesibili emhlanganweni woMkhandlu weTheku kuvele ukuthi sekushone umsebenzi, kwalimala kabi ababili njengoba kunesiteleka.
Umsebenzi, ongadalulwanga igama, kuthiwa ushone emva kokuhlaselwa ozakwabo abebesembhikishweni. Lokhu kudalulwe imenenja kamasipala, uMnuz Musa Mbhele.
UMbhele uthe umsebenzi oshonile wahlaselwa esebenza emathuneni aseMlaza.
“Kunamacala amabili okuzama ukubulala aphenywayo. Laba basebenzi balimala kanzima emva kokuhlaselwa.”
Kunemibiko yokuthi abasebenzi abangatelekile bayasatshiswa uma bethi bazama ukuyolungisa ugesi.
UMbhele uthe abasebenzi abaningi sebebuyelile emsebenzini, kodwa wathi iningi lisasaba ukuphumela ngaphandle liyokwenza umsebenzi walo.
“Abaningi bakhala ngokuthi babona bengaphephile.”
Isiteleka siphinde saholela ekucekelweni phansi kwempahla.
UMbhele uthe basezinhlelweni zokuvulela icala inyunyana yabasebenzi bakamasipala, i-SA Municipal Workers Union (Samwu) ehola umbhikisho.
“Sifuna ukuthi bakhokhele izindleko zawo wonke umonakalo odalwe yisiteleka.”
Ikhansela le-DA, uMnuz Mzamo Billy, lithe kuyakhathaza ukuhlaselwa kwabasebenzi abangatelekile.
Uthe ukuqhubeka kombhikisho isikhathi eside kusho ukwehluleka kobuholi bomkhandlu.
“Kuyaqala emlandweni ukuba sibone umbhikisho walolu hlobo. Abantu sebehlale isikhathi eside bengenawo amanzi nogesi. Akufanele engabe ubuholi buyabukela nje isimo sinje.”
Ikhansela le-EFF, uMnuz Khanyisani Khambule, lithe njengoba iningi labasebenzi kuthiwa selibuyele emsebenzini, kufanele imiphumela ibonakale.
“Akufanele sizwe ngendaba ukuthi abasebenzi sebebuyele emsebenzini, kufanele sibabone benza umsebenzi. Akufanele sibakhokhele ukuthi bavuka beyohlala nje.”’
Ikhansela le-ANC, uMnuz Nkosenhle Madlala, lithe bayakuqonda ukuthi abasebenzi abaningi basesaba ukuphumela ngaphandle, wathi balindele ukuthi isimo sibe ngcono ngokuhamba kwesikhathi.