ZANELE MSOMI
K UTHIWA belingakuthandi ukukhuluma futhi linomoya ophansi iphoyisa lasePort Shepstone elabulala intombi yalo, unkosikazi namadodana alo amabili maqede lazidubula.
UMnuz Khetha Shange ongumfowabo kaWarrant Officer Lindela Shange (49), obengcwatshwa izolo namalungu omndeni wakhe, uthi akaboni ukuthi uyoke akholwe ukuthi umfowabo akasekho.
Utshele Isolezwe ukuthi umfowabo ubungeke umbone ngisho ecasukile ngoba ubezithulela.
Uthe babezelwe beyizinsizwa zodwa beyisithupha kodwa sebesele bane.
Umkamfowabo uNkk Fikile Shange naye obengcwatshwa izolo, uthe bebembiza ngosisi ngoba bejabulela ukuthi sebethole udadewabo.
Ngo-Okthoba 21 nonyaka uWarrant Officer Shange obesebenza esiteshini samaphoyisa eSouth Port, kusolwa ukuthi waqala entombini yakhe uNksz Jabu Cele (40) ebiwumabhalane khona eSouth Port.
Kusolwa ukuthi wayidubula amahlandla amaningi maqede wadlulela kwakhe wadubula umkakhe nezingane ezimbili uSinakhokonke (15) noSnakekelo (10).
UNkk Shange ubewuthisha eSbhekulwandle, uSnakhokonke efunda eMerlowood High kanti uSnakekelo ubefunda ePortShepstone Senior Primary.
Umfowabo kaWarrant Officer Shange uthi yize namanje bengasazi isizathu sokuzibulala kukamfowabo nomndeni wakhe kodwa akakholwa ukuthi yingcindezi yomsebenzi njengoba abanye becabanga kanjalo.
“Umfowethu ubesesebenze iminyaka ewu-29 eyiphoyisa. Kungani ingcindezi imfikele manje sekusele iminyaka embalwa athathe umhlalaphansi,” ubuze kanje.
Uthe selokhu kwenzeke le nhlekelele akuvumi ngisho adle futhi kunzima kakhulu nasendodakazini kamfowabo uSphumelele (22), eyayingekho kubulawa unina nabafowabo.
Umphakathi nozakwabo babashonile bebephume ngothi.