LIYATHUTHUMELA ikhansela okushone unkosikazi nezingane zalo ngesikhathi kuhlaselwa umuzi walo.
Ikhansela leDA kuMasipala wasoKhahlamba, uMnuz Indlelibuzwakwabaphambili Buthelezi, ulahlekelwe umndeni wakhe wonke ngesikhathi kushiswa umuzi wakhe.
Umuzi kaButhelezi oseBergville, eBethany, uhlaselwe ngeSonto, entathakusa.
Njengamanje uButhelezi ulashelwa amanxeba okusha esibhedlela esingadalulwanga.
Abebeyombona esibhedlela, bathe ukhihla esikaNandi.
Umholi weDA KwaZulu-Natal, uMnuz Francios Rodgers, uthe uButhelezi ubatshele ukuthi umlilo uqale emva kokuthi kuphonswe iziqhumane ezimbili.
“Lena akubanga nje ingozi, akukhona ukuthi mhlawumbe umlilo uqalwe ukuxabana kwezintambo zikagesi. Kusobala ukuthi kukhona umuntu owuqalile umlilo. Ngicabanga ukuthi sesifikile isikhathi sokuthi amaphoyisa aqale abophe abantu ababandakanyeka ezigamekweni zokubulawa kwamakhansela. Kuyishwa ukuthi amaphoyisa ayehluleka ukubopha izigilamkhuba.”
URodgers uthe uButhelezi ubengakaze abike lutho olukhombisa ukuthi impilo yakhe isengcupheni.
“Ayikho into ebikhombisa ukuthi yena nomndeni wakhe basengcupheni.”
Unkosikazi kaButhelezi, uNkk Khumbi Buthelezi, kanye nezingane ezimbili bashe baba wumlotha.
Ingane yesithathu ishonele esibhedlela.
URodgers uthe umoya kaButhelezi uphansi.
“Ubelokhu ekhale njalo. Ngicabanga ukuthi sekumfikele emqondweni ukuthi ulahlekelwe umndeni wakhe wonke. Akazi ukuthi ingane yesithathu nayo ishonile, nathi asizange siyithi vu leyo.”
Ikhansela le-IFP kuMasipala wasoKhahlamba, uMnuz Themba ‘Tiza’ Khoza, okuwuye ofike kuqala endaweni yesigameko, uthe ufonelwe uButhelezi entathakusa, wamtshela ukuthi kunabantu abamhlaselayo.
“Wathi kimi: ‘sibali ngilekelele nampa abantu bengishisa.’ Ngabe sengivuka ngiphuthuma khona. Ngazama ukubulala amawindi kodwa ngathola ukuthi anama-burglar guard. Ngabe sengiphusa umnyango, ngenhlanhla wavuleka.”
UKhoza uthe wakhipha uButhelezi nengane eyodwa.
UKhoza uthe ngesikhathi efika unkosikazi nezingane ezimbili babesaphila, kodwa wahluleka ukubakhipha.
“Basha baze baba umlotha. Bese kusele amathambo, izinyawo zingasabonakali,”
UKhoza uthe uzame ukubatholela usizo ngokushesha kwizicishamlilo, emaphoyiseni nakwabezempilo, kodwa usizo lwangashesha ukufika.
Uthe akuqaphelile ngesikhathi efika emzini kaButhelezi ukuthi amawindi amabili abefile, nathe kukhombisa ukuthi kukhona izinto ezijikijeliwe.
“Nakho ukuthi angavuli umnyango aphume kukhombisa ukuthi kukhona abantu ababekhona ngaphandle, bemlindile.”
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aphenya imbangela yokushona kwamalungu omndeni kaButhelezi.