LIKHALA ngabesifazane abavula amacala okuhlukunyezwa babuye bawasule iphoyisa lesifazane elisanda kuklonyeliswa ngendondo ngokuhamba phambili ekuphenyeni amacala athinta uDlame lwaseMindenini, ukuVikelwa kweZingane namaCala aphathelene noCansi KwaZulu-Natal.
UConstable Nomfundo Lihle Mlotshwa oseneminyaka eyishumi esebenza njengomphenyi kulolu phiko esiteshini samaphoyisa esisePinetown, uthe kwesinye isikhathi baye bakuthole kunzima ukuqonda udaba lwabesifazane abasula amacala.
“Amacala athinta ukuhlukunyezwa kwabesifazane nodlame lwasemindenini abucayi ngendlela engachazeki. Kufanele uma uthola ucingo, noma ngabe isebusuku, ulele, uvuke ngaso leso sikhathi uyobheka ukuthi kwenzekani,” kusho Const Mlotshwa.
Uthe kuthi uma befika endaweni yesigameko, baqoqe lonke ulwazi oludingekayo bese bebopha umsolwa, icala lidlulele enkantolo.
“Uthi usalindele ukuthi icala lisazoqhubeka lize lifike ekugcineni, umgilwa, obumbona ukuthi uhlukumezekile ngempela, mhlawumbe ushaywe walinyazwa, athole ubulungiswa, uzwe sekufika umbiko othi, uselisulile icala ngoba sebekhulumile nesoka lakhe noma nomyeni wakhe,” kusho uConst Mlotshwa.
Uthe isikhathi esiningi ababe besasho okuningi abagilwa ngaphandle kokuthi sebezilungisile izinto nabasolwa.
Uthe yize kusuke kungasekho okuningi abasuke sebengakwenza ngoba lowo muntu abasuke bekade beshaye phansi ngonyawo bethi akanganikwa ngisho ibheyili, bathola sekubuya idokodo enkantolo lithi umsolwa usengaphandle, necala alisekho.
Uthe basala nesilonda sokuthi izithukuthuku zabo abazifake ngesikhathi bevuka ebusuku beyolwela ukuthi abagilwa bathole ubulungiswa seziphenduke ize leze.
“Akube kusaba khona into esingakwazi ukuyenza, kodwa usala nokukhathazeka ngoba siyazi ukuthi izinga lokubulawa kwabantu besifazane liphezulu kangakanani. Uba nomuzwa wokuthi uhlulekile ekubeni kusuke kungekho ongakwenza,” kusho yena.
Ubuye wathinta izinselelo ezifana nokuphenya amacala okudlwengula athinta izingane ezincane kakhulu kanjalo nabantu abakhubazekile nalabo abathikamezekile ngokomqondo.
“Umuntu okhubazekile nothikamezekile emqondweni yize ezokunika isitatimende, kodwa kufanele uhambe ibanga elide ukuzama ukuveza ubuqiniso besigameko. Kwenzeka okufanayo nakubantwana abancane abangakwazi ukuzikhulumela,” kusho yena.
Uthe baze basizwe odokotela nosonhlalakahle bakwa-Forensics ukuze baphumelele kulawo macala.
Wexwayise imindeni yezingane neyalabo abaphila nokukhubazeka nabathikamezekile ngokomqondo ukuthi into engasiza ukuthi bangavumi basuke emehlweni abo.
“Lokhu kuzonciphisa izigameko zokuhluknyezwa kwabo ngoba kulesi sikhathi samanje ngeke wethembe muntu,” kusho yena.
Uphethe ngelithi uyanxusa imiphakathi ukuthi iphume ize ezithangamini ababa nazo zokuqwashisa ngokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane ngoba ziyafundisa futhi ziveza okuningi okucashile.