KUHLEHLISELWE isonto elizayo yiNkantolo yeMantshi yaseVerulam, ukulalelwa kwesicelo sebheyili ecaleni elibhekene nomfundisi webandla labasindisiwe, osolwa ngokunukubeza ngokocansi izingane zabafana.
UMnuz Mkhanyisi Mshalala (57) okuthiwa ubenezinyanga eziyisithupha ehlala eWaterloo, okuthiwa ubencikiswe yisihlobo sakhe, ubevele kule nkantolo izolo. Uboshwe emasontweni amabili adlule ngamacala asolelwa kuwo okudlwengula abafana abathathu abeneminyaka engaphansi kuka-11.
Kuthiwa ubebuye afundise ngeBhayibheli. Kukholakala ukuthi abagilwa ubebanukubezela endlini yakhe uma bemvakashele kuzobhungwa ngezwi leNkosi nangezinto ezithinta ibhola. Kuvele ukuthi ubebuye abe wumqeqeshi weqembu labafana abeneminyaka engaphansi kuka-11, aphinde abe wumfundisi ebandleni labasindisiwe khona endaweni. Inkantolo ilihlehlisele u-Septhemba 5 leli cala, kusaqhubeka uphenyo.
UMnuz Khumbulani Zuma oyisisishoshovu somphakathi nomgqugquzeli we-MK ku- ward 106, obengomunye wabebehola umbhikisho ngaphandle kwenkantolo ngesikhathi kuvele umsolwa, uthe abazali bezingane balutheka njengoba ngesikhathi efika wangenisa ngesonto nangebhola okwenza bamethemba.
“Ukufika kwakhe uzenze umuntu oyikholwa nofundisa ngeBhayibheli. Uphinde waziveza njengomuntu onolwazi nogqozi ekuqeqesheni abafana abancane ebholeni lezinyawo. Ngenxa yokuthi indawo ikhungethwe ubugebengu nokusetshenziswa kwezidakamizwa, abazali babone kuyithuba lokugcina izingane zabo zimatasa futhi zenza into eqondindile, kanti uthi lala lulaza,” kusho uZuma.
UMnuz Xolani Ngcobo oyilungu lesigungu esilwa nobugebengu eWaterloo, uthe ukuya kwabantu enkantolo, bekuhloswe ngakho ukweseka imindeni yabagilwa ukuze umsolwa engadedelwa.
“Ngenxa yesimo semindeni yabagilwa somnotho neminyaka yabo, sibone kukuhle ukuthi sibe ngasohlangothini lwabo sibeseke kulesi sikhathi esinzima ababhekene naso. Ukwesaba kwethu kusekutheni asazi ukuthi zingaki izingane azigilile ezingakaphumeli obala ngoba sithole ukuthi ezindaweni aseke ahlala kuzo okuyi-Parkgate naseMhlasini, ubewumuntu ogila le mikhuba,” kusho uNgcobo.
Ngesikhathi eboshwa, uMshalala usindiswe ukufika konogada bakwa-Reaction Unit of South Africa olakeni lwamalungu omphakathi abesho ukumudla amfele. Uvela nje, uqeda kululama njengoba ubengeniswe esibhedlela emva kwalokhu kutitinyeka ngamalungu omphakathi, kanti ubephansi kweso lwamaphoyisa.