INKANTOLO yeMantshi yaseThekwini ilihlehlisele uJulayi 12 icala lokudlwengula elithweswe isethenjwa soNyazilwezulu.
UXolani “Maliyavuza” Zungu ubevele kule nkantolo ngoLwesine njengoba engaphandle ngebheyili ecaleni lokudlwengula athweswe lona.
Usolwa ngokudlwengula owesifazane ongelinye lamalungu ebandla lamaNazaretha.
Ummeli kaZungu, uMnuz Ayanda Khanyile we-Ayanda Khanyile Attorneys, uthe bona sebemi ngomumo ngaleli cala kodwa babanjezelwe wuMbuso ngenxa yobufakazi obungenele okudingeka buzokwethulwa enkantolo.
“Esikutholile ukuthi owesifazane okuthiwa wadlwengulwa wuZungu akakaxoxi nomphenyi wecala. Ngelanga obekuhlelwe ukuthi bayokhuluma ngalo wafike wakhala wangakhuluma. Okunye wukuthi kunemiyalezo abeyithumelela uZungu okungakaqinisekiswa ukuthi iphuma kuyena ngempela yini. Thina sesimnikile yona umphenyi wecala, besilindele ukuthi sizofika enkantolo eseyidlulisele kuMshushisi kodwa sathola ukuthi akukenzeki lokho. Ngeke ngikwazi ukudalula ukuthi le miyalezo ithini ngoba lokho kungalimaza icala,” kusho ummeli.
Kuthintwa uZungu, uthe ngeke akwazi ukuphawula lutho ngecala ngoba lisesenkantolo.
Elinye ilungu lomndeni kaZungu ebelisenkantolo nelingathandanga ukudalulwa, lithe bona banolwazi lokuthi leli cala alikho kodwa kukhona abalibhebhezelayo ngoba belwa noZungu.
“Inkinga ukuthi uMaliyavuza usondelene kakhulu noNyazilwezulu. Kukhona abanenkinga yokuthi uyalivikela kwezinye izinto. Owesifazane lo okuthiwa umdlwengulile, yintombi yakhe akade athandana nayo futhi bebehlala bevakashelana. Inkinga idalwe yile thenda ka-R18 million eyakhishwa wuMengameli Cyril Ramaphosa yokwakha amadokodo eBuhleni. Kukhona izethenjwa ezilwa nawo wonke umuntu osondele noNyazi ngoba zifuna iwele ezandleni zazo. Zisebenzisana nezikhulu zepolitiki ezicasulwe wukuthi uNyazilwezulu lukumisile ukwakhiwa kwamadokodo obekuzozihlomulisa ngokudla le mali,” kusho umthombo.
Kuthintwa uZungu ngendaba yethenda ka-R18 million yokwakha amadokodo eBuhleni, uthe yena akahlomuli lutho kumathenda kahulumeni futhi namabhizinisi awenzayo awahlangene namathenda.