IMANTSHI yaseDikeni (eyayaziwa nge-Alice) ilihlehlisile icala labayishumi ababhekene ngecala lokubulala umphathi wezokuthutha enyuvesi iFort Hare uPetrus Roets, nonogada we-Vice Chancellor (VC) uRichard Vesele, nokuzama ukubulala iVC, uSolwazi Sakhele Buhlungu nephini lakhe uRenuka Vithal.
Leli cala lihlehliselwe uDisemba 13, kuze kube wukuthi kuphothulwa inqubo yezicelo zebheyili zabanye abasolwa.
UMnuz Isaac Plaatjies, uboshwe ngesonto eledlule kwathi ngoMsombuluko wabingela imantshi. Icala lakhe lihlehliselwe uLwesibili lapho ezojoyina abanye abasolwa abayisishiyagalolunye kuyo le nkantolo.
Ngo-Ephreli, kwaboshwa abasolwa abahlanu okunguBongani Peter obeyiChief Operating Transport Officer enyuvesi, uWanini Khuza owayengunsumpa wabashayeli osewathatha umhlalaphansi, uSicelo Mbulawa owayeyilungu leSRC enyuvesi kodwa osengusomabhizinisi ohlinzeka le nyuvesi ngomsebenzi, uMthobisi Khanyile odume ngokweba izimoto azishushumbise emngceleni, noMthobisi Dlamini onamacala evile kwawu-15 okugqekeza nokweba ezindaweni zaseBerea, Mayville naseMorningside, eThekwini.
Bonke abasolwa babhekene namacala amabili okubulala, amathathu nokuzama ukubulala, ukutholakala nezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni kanye nokweba imoto. UPeter, Mbulawa noKhuza babekwe nelinye icala lokukhwabanisa.
Indaba yaqala ngesikhathi kuqashwa uSolwazi Sakhela Buhlungu kwesokuba ngusomaqhuzu enyuvesi yaseFort Hare ngo2017. Ngo2020 lo Solwazi wathola ukuthi kunobudedengu kwezokuphatha, inkohlakalo nokukhwabanisa. Wakusukumela lokhu wabe esevula amacala obugebengu kanjalo nokuqondiswa ubugwegwe kubasolwa ababesezikhundleni eziphezulu enyuvesi.
Ngo-2022, kwahlaselwa uMnuz Petrus Roets, owaqashwa nguBuhlungu kwesokuba ngumphathi wezithuthi kule nyuvesi. URoets wadutshulwa wabulawa esangweni lomuzi wakhe eGonubie. Ngemuva kokuhlaselwa kwalo mphathi uSolwazi wathola ukusatshiswa kwaze kwaba wukuthi utholelwa abaqaphi, wahumana kanjalo noMnuz Mboneni Vesele owayengunogada wakhe. Akubanga yisikhathi esitheni besebenza ndawonye ngaphambi kokuhlaselwa kukaVesele ngoyaba lwezinhlamvu ngaphandle kwamgceke omuzi kaBuhlungu waphangalala khona lapho, ngoJanuwari 2023.
Uphenyo lwamaphoyisa luholele ekuboshweni kwalaba abayishumi, abadlala indima ehlukene kusukela ekufuneni izigebengu esifundazweni saKwaZulu-Natal, ukubahlalisa, nokubathutha ezigcawini zamacala.
UMbulawa unikezwe ibheyili ka-R75 000, kwathi uMbuso waphikisana nokunikezwa ibheyili kwabasolwa ngokushaya uKhanyile noDlamini, kanye nephoyisa uManjati. Izicelo zebheyili zikaPeter noKhuza zizoqhubeka ngoNovemba 27, kanti ezikaChiliza, Nkonyeni, Mgotyani noPlaatjies zihlelelwe uNovemba 30 noDisemba 1.