KUSOLWA izidakamizwa ibhungu laseMid-Illovo lidlwengula isaguga esiwumakhelwane maqede sashona.
Owesilisa oneminyaka ewu-27, usolwa ngokungenela lesi saguga ekhaya laso sesilele, wasidlwengula maqede wabaleka.
ISolezwe NgeMpelasonto lithole ukuthi isaguga sihlabe umkhosi, amaphoyisa akwazi ukubamba umsolwa okuthiwa ubewumngane omkhulu womzukulu kagogo osanda kudlula emhlabeni.
Isaguga sishonele esibhedlela ngenxa yokulimala obekuhambisana nalokhu kudlwengulwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda usiqinisekisile isigameko.
Uthe kusolakala ukuthi owesilisa wasesiGodini, eMid Illovo uhlasele ugogo wamdlwengula.
"Kubikwa ukuthi owesilisa ungenele ugogo ohlala yedwa wamdlwengula. Owesilisa ubalekile kodwa uphenyo lwamaphoyisa lugcine luholelele ekutheni agcine eboshiwe,''usho kanjena.
Ilungu lomndeni elingeke lidalulwe igama lalo lithe basashaqekile kakhulu ngalesi sigameko.
Lidalule ukuthi owesilisa osolwayo, ubezwana nesaguga futhi besimethemba kakhulu. Uthe yingakho kuthe noma engqongqoza ebusuku samvulela kanti usezogila imikhuba.
"Ibe buhlungu kakhulu le nto eyenziwe kugogo. Namanje sisazibuza siyaziphendula ukuthi ubengenwe yini lo mfana ukuthi ubengaze enze into enesihluku kanjena,'' úsho kanjena.
Uveze ukuthi bese kuphele isikhathi eside lo mfana enobudlelwane obuhle kakhulu nomndeni kagogo.
Wathi namanje akuvumi ukuthi bakholwe ukuthi nguyena ngempela lona owenze into enjena kugogo.
"Lo mfana ubazi ukuthi ugogo usehlala yedwa njengoba kwashona ayehlala naye. Ugogo kube lula ukuba amvulele ngoba ungumuntu amaziyo futhi amethembayo,''usho kanjena.
Ilungu lomndeni lidalule ukuthi ugogo akazange ashone ngesikhathi ibhungu limdlwengula kodwa ushone esesesibhedlela.
Lithe ugogo ushone ebalisa ngokuthi kubona bonke abantu usengaze agilwe wumfana abemethemba kangaka pho?
"Ugogo kumlimazile kakhulu emoyeni wakhe ukuthi le nto yenziwe ngumuntu abemazi. Ubengakholwa,'' usho kanjena.
Uthe ucabanga ukuthi yikhona lokhu okugcine kudala ukuthi ugogo ashone.
ISolezwe Ngempelasonto likhulume nomthombo olwaziyo lolu daba waveza ukuthi owesilisa ungumuntu olungile kodwa uhlulwa yizidakamizwa.
Uthe umane wajika nje esithubeni waba ngumuntu ogxile kakhulu ezidakamizweni.
"Awubuke nje manje ukuthi impilo yakhe seyimane yaphela nje kanjalo njengoba eseyobhadla ejele. Iyamlimaza lo mfana le nto asengene kuyona,'' usho kanjena.