OMELE i-DA embangweni wesikhundla sikandunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Chris Pappas, uthi uzosebenzisa yona kanye le mali ekhwatshaniswa eminyangweni kahulumeni ukutakula abahlwempu uma benqoba ukhetho KwaZulu-Natal.
UPappas uthe bazosebenzisa imali esashazwa kuthengelwa izikhulu izimoto zikanokusho ukuqhamuka nezinhlelo zokutakula abahlwempu.
Ukusho lokhu ngesikhathi enengxoxo ekhethekile neSolezwe, lapho ebekhuluma khona ngomkhankaso wakhe wokuhola iKwaZulu-Natal.
UPappas uthe yiningi imali emosheka ngenxa yenkohlakalo eminyangweni kahulumeni.
“Le mali iyona okufanele engabe iya ekufezeni izidingo zabantu abahlwempu. Uma sekuphethe thina izophela le nto yokuthi izikhulu zigadwe yinqwaba yabantu.”
Ezinhlelweni zakhe zokutakula abahlwempu, uPappas ufuna ukuthi omama bezingane baqale ukuhola besakhulelwe, ukukhuphula izibonelelo zikahulumeni, intela ingafakwa ekudleni okuthengwa kakhulu abahlwempu, nokunika abafuna imisebenzi imali yokugibela.
“Abantu kufanele bazi ukuthi ingane iqala ukukhula isesesiswini. Ngakho ke omama kufanele basheshe ukuqala ukuhola. Izibonelelo zikahulumeni azilingani nemali edingwa umuntu ukuze angabulawa indlala. Intela efakwa ezintweni ezifana namafutha namaqanda, yenza ukuthi abantu abahlwempu bangakwazi ukuthenga ukudla. Kanjalo nabantu abafuna imisebenzi kufanele bathole uxhaso.”
UPappas uphinde abeke phambili ukudalwa kwamathuba emisebenzi, ukuthuthukiswa komnotho, ukulwa nobugebengu, nokuhanjiswa kwezidingo.
UPappas uthe akakhulumi inganekwane uma ethi uzotakula iKwaZulu-Natal.
UPappas uthe abangakholwa ukuthi uzokwazi ukushintsha isimo sesifundazwe, ababuke umsebenzi omuhle awenzile ngesikhathi eqokwa njengemeya yoMasipala waseMngeni.
UPappas waqokwa kwesobumeya ngo-2021.
Uthe wafika isimo sisibi emkhandlwini, wathi basishintshile isimo ngokushesha.
“Emkhandlwini wethu, isimo sezimali besingahambi kahle. Kule minyaka emibili nengxenye, silungise isimo sezimali. Sesithole imibiko kamcwaningi mabhuku engenagcobho kulandelana. Lokhu kusho ukuthi siyakwazi ukuphatha imali yomkhandlu.
“Ukuhanjiswa kwezidingo nakho sekubuyele esimweni. Phela singakhohlwa ukuthi inhloso ngukuthi abantu kufanele bathole izidingo ekugcineni. Ngicabanga ukuthi sekuyinto eyejwayelekile ukubuka omasipala behlulwa ukuhambisa izidingo kubantu. Thina lapha eMngeni siyakhombisa ukuthi omasipala kufanele bahambise izidingo kubantu.”
UPappas uthe ukuphatha kahle kwabo uMasipala waseMngeni kwenza ukuthi umkhankaso wabo waKwaZulu-Natal ube lula.
“Kuqala bekuba nzima uma sikhankasa lapha KwaZulu-Natal ngoba abantu uma besibuza ukuthi siyakwazi yini ukuphatha, ibingekho indawo eseduze esiyiphethe ebesibakhombisa ngayo ukuthi siyakwazi ukuphatha. Besilokhu sibatshela ngezindawo ezikude esiziphethe, sithi ababuke kuzona.
“Manje sesivele sibatshele ukuthi ababuke eMngeni. Lena yindawo eseduze nabo, abangakwazi ukuziyela, beyoyibona. Enye into ebisilimaza ukuthi besikhankasa kakhulu eCape Town naseGoli. Manje sesiyazi ukuthi kufanele sikhankase nasezindaweni zasemakhaya.”
UPappas uthe umkhankaso wabo uphinde ulekelelwe ukwehluleka kobuholi obuphethe iKwaZulu-Natal.
“Ukwehluleka kwabo kwenza ukuthi abantu babone ukuthi sekufanele bashintshe ivoti labo. Phela abantu baKwaZulu-Natal abasabi ukushintsha ivoti. Bake bakwenza lokhu ngaphambilini, bakhipha i-IFP. Namanje abantu bazophinde bakwenze lokho. Lapha KwaZulu-Natal sidinga abaholi abaqotho.”
UPappas uthe iDA ikhombisa ukukhula KwaZulu-Natal.
“Siyiqembu elikhula ukhetho nokhetho lapha KwaZulu-Natal. Nathi sibalwa kanye namanye amaqembu amakhulu lapha KwaZulu-Natal. Buka nje ngoMgqibelo sizokuba nomcimbi omkhulu eThekwini, eCurries Fountein, lapho silindele khona abantu abangu-10 000. Yebo asikafiki ezingeni lokugcwalisa iMabhida kodwa nayo le nkundla esizoyisebenzisa inomlando onothile emzabalazweni wamalungelo abantu.”
UPappas uthe umbango ushisa phansi KwaZulu-Natal.
“Maningi amaqembu aqhamukile lapha KwaZulu-Natal. Angiboni kuneqembu elizothola u-50%. I-MK ibikade ize kabi kodwa manje sebeyaxabana kakhulu. Ngibona kuzokuba iyona i-MK, ithina, i-IFP ne-ANC, mhlawumbe ne-EFF, abazothola amavoti amaningi.”