ZICELA enkulungwaneni izikhungo ezithathwa njengeziyingozi eziphucwe igunya lokubhalisa izivivinyo zika-matric kuleli.
Izivivinyo kulezi zikhungo zizokwenganyelwa wuMnyango weMfundo eyisiSekelo ngenxa yezehlakalo zokukopela kwabafundi kuzona.
Umqondisi jikelele emnyangweni, uMnuz Mathanzima Mweli, uveze ukuthi zingu-987 lezi zikhungo kuleli.
Uthe lezi zikhungo zisengozini yokuthi kukotshelwe kuzona yingakho beziphuce igunya lokuthi zizibhalisele izivivinyo.
“Izivivinyo kulezi zikhungo zenganyelwe ngumnyango ukuze kungabikhona izehlakalo zokukopela. Ezinye zazo siziklelise zaba sengozini yokubhalisa lezi zivivinyo ngoba zizobe ziqala ukwengamela izivivinyo, ngakho asizazi ukuthi ziphethwe kanjani.”
Ukusho lokhu ekhuluma esithangamini sabezindaba ePitoli, izolo, ngamalungiselelo okubhalwa kuka-matric.
UNgqongqoshe walo mnyango, uNksz Siviwe Gwarube, uxwayise abafundi ukuthi bangakopeli.
Uthe uma bekopela bazibeka engcupheni yokuthi bangayitholi imiphumela yabo.
Kulesi sithangami kuvele nokuthi kuzosiza nombutho wezokuvikela ukuhambisa amaphepha ka-matric ezikoleni uma kwenzeka kuba nezinhlekelele ezifana nezikhukhula njengoba kuqale ukubhala.
UNksz Gwarube uthe lezi zivivinyo zibaluleke kakhulu yingakho kunokubambisana nezinhlaka kanjalo neminyango ehlukene.
“Siqaphe ngelokhozi isimo ikakhulu uma kuba nezinhlekelele. Asifuni kube nokuphazamiseka kwabafundi ngenxa yesimo sezulu.”
UDkt Reginah Mhaule oyiPhini likaNgqongqoshe walo mnyango, uthe baqaphe isimo ikakhulu KwaZulu-Natal, nase-Eastern Cape, lapho kungase kube khona isimo esingesihle sezulu.
“KwaZulu-Natal kungenzeka kube nemvula ehambisana nezikhukhula ngakho umbutho wezokuvikela umi ngomumo ukufaka isandla. Lo mbutho uzohambisa amaphepha nangezindiza ezinophephela emhlane,” kusho uDkt Mhaule.
UMweli uthe basibheka nsuku zonke isimo sezulu njengoba kubhalwa.
“Ngiyingxenye yabantu abahlala ethimbeni lezinhlekelele ukuze siqaphe isimo sezulu ngaso sonke isikhathi. Zibaluliwe zonke izinhlelo zokusiza uma kwenzeka kuba nezinhlekelele.”
UNksz Gwarube uveze ukuthi bangu-727 121 abafundi ababhala ngokugcwele kuthi abangu-155 215, babhala ngasese.
Lokhu kusho ukuthi bangu-882 336 ababhala u-matric.
Uveze ukuthi bangu-16 400 ababhala izivivinyo zasezikoleni ezizimele ezaziwa nge-IEB.
UDkt Barney Mthembu ongumqondisi jikelele obhekele uhlelo lokufunda emnyangeni, uveze ukuthi abafundi ababhalayo bakhahlanyezwa wubhubhane iCovid-19.
Uthe ngo-2020, la bafundi babenza uGrade 8 okuyisikhathi lapho leli gciwane lalidlange khona.
Kulesi sithangami kuvele nokuthi azobe eqashwe ngelokhozi amaloli azobe ehambisa amaphepha.
Kunxuswe nomphakathi ukuthi ungadubeli ezivivinyweni ngokuthi ubhikishe ukhala ngezidingo.
“Umphakathi unelungelo lokubhikisha kodwa siyawunxusa ukuthi ungaphazamisi izivivinyo. Nginxusa nozakwethu ePhalamende nakumaqembu aphikisayo ukuthi bangagcaluzi ezikoleni beyohlola ukubhalwa kuka-matric kuze kuphothulwe ngoba asifuni abafundi baphazamiseke,” kusho uNksz Gwarube.