INHLANGANO ebhekele ukuncintisana okuhle, iKhomishini yezokuNcitisana, izophenya ngakho konke okwenzeka embonini yemikhiqhizo ephuma enkukhwini emuva kokuthola ukuthi kunabantu abakuthola kunzima ukungena kulo mkhakha.
IKhomishini yezokuNcitisana icele zonke izinhlaka ezithintekayo ukuba zithumele izethulo zazo ngalo mkhakha, ukuze izokwazi ukuthi yini okufanele ibhekisiswe kuwona.
Ukwamukelwa kwezethulo ezibhalwe phansi, kuzogcina ngoMashi 8.
Ikhomishini iveze ukuthi izophenya ukuthi kulula yini ukuthi osomabhizinisi abancane bangene kulo mkhakha.
ENingizimu Afrika imboni yenkukhu yiyona ekhiqiza u-65% wephrotheni edliwa kuleli.
“Kubalulekile okwenzeka embonini yenkukhu ngoba inyama yenkukhu namaqanda yizinto ezidliwa kakhulu ngabantu baseNingizimu Afrika. Abantu abahola kancane yiyona nyama abakwazi ukuyithenga kalula ngoba ayibizi kakhulu, uma iqhathaniswa nolunye uhlobo lwenyama,” kuchaza uMnuz James Hodge ongusomnotho weKhomishini yezokuNcintisana.
Uveze ukuthi bazobheka ukuthi kungenwa kanjani kule mboni, yikuphi okwenziwayo ukuqinisekisa ukuthi kunokuncintisana okuhle, bazobheka nokuthi ngabe kulula yini ukuthi kungene embonini kwabalimi abancane.
Bazobheka nokuthi abathengi bahlomula kanjani ngoba uma kunokuncintisana okuhle, abathengi kufanele bahlomule ngentengo engambi eqolo yomkhiqizo.
Uphenyo luzoqedwa emuva kwezinyanga eziwu-18. Ikhomishini izoshicilela ekutholile.
Izinkampani zenkukhu zizwakalise ukungenami ngophenyo, zithi umkhakha wenkukhu uthwele kanzima ngenxa yokunqamuka kukagesi namaphisisi alandwa kwamanye amazwe.