KUPHELILE ukuxebula umkhoma esikhwameni sabalimele ezingozini zomgwaqo, iRoad Accident Fund (Raf) njengoba kwethulwe isikhungo esizoshayelwa ngabalimele ezingozini ngqo.
Isikhulu esiphezulu seRaf, uMnuz Collins Letsoalo, sigqugquzela abantu ukuthi bashayele inombolo ethi: 087 820 1111.
“Abantu kufanele basishayele noma ngabe abameli babo bayabavimba ukuthi benze lokho. Sifuna ukuxhumana ngqo nabantu abalimele ezingozini zomgwaqo, ukuze sazi izidingo zabo kusukela kwenzeke ingozi kuze kube bayaphuma esibhedlela.
Sifuna abantu bathole imali nyanga zonke, esikhundleni sokuthi bayithole isamba basidle basale behlwempu,” kusho uLetsoalo.
Uthe umthethosivivinywa abafuna uphasiswe yiPhalamende, uzoqinisekisa ukuthi abameli kabadlali ngabantu njengoba abalimele bezozikhulumela bona ne-Raf.
Uveze ukuthi baphakamisa nokuthi abantu bakwamanye amazwe bangakhokhelwa yi-Raf uma belimele ezingozini zomgwaqo kuleli kodwa bahambe bayofaka izinxephezelo ezikhwameni ezikhokhela abalimele ezingozini zomgwaqo emazweni abo.
Izolo i-Raf ibidingida izindlela zokusebenza nokunxephezela abantu nodokotela nozakwabo bakwamanye amazwe, okubalwa iBotswana neSwatini.
ULetsoalo uveze ukuthi abangaphandle bayazifaka izicelo zokulimala ezingozini zomgwaqo. AbaseLesotho sebekhokhelwe u-R500 million.
Ukhale ngokuthi lokhu akwehli kahle ngoba le mali ibingasetshenziselwa ukusiza abantu bakuleli.
U-Dkt Conran Joseph weNyuvesi yaseStellenbosch, owenza ucwaningo ngabalimele ezingozini zomgwaqo, uthe kufanele i-Raf ilandelele umuntu esanda kuba sengozini, ihambe naye elashwa esibhedlela, imlandele noma esekhishiwe.
“Abantu banezidingo ezihlukene. Omunye kuyenzeka ukuthi unezifo ezingalapheki, okubalwa ushukela nezinye. Okusho ukuthi ngeke asheshe aphole njengomuntu owumqemane.
Uma iRaf imlandela izokwazi ukumcebisa ngezindlela zokuphila isikhathi eside, imgqugquzele ukuthi azivocavoce. Imfunele namanye amakhono angazihlomisa ngawo ukuze abe nempilo engcono,” kusho uJoseph.
Uthe abalimele ezingozini zomgwaqo akusho ukuthi kufanele banikwe imali, bese beshiywa kanjalo kodwa kufanele babhekelwe amakhono abangawafunda, ukuze bakwazi ukuziphilisa noma ukubuyela emsebenzini.