ZIZOJIKA izinto embukisweni omkhulukazi wemfashini eNingizimu Afrika, iSA Fashion Week, njengoba kwethulwa isigaba esibizwa nge-Walk Your Worth esizohlonipha abesifazane abenza izinto zenzeke emikhakheni ehlukene.
Lo mbukiso, ozoba ngo-Ephreli 19 eMall of Africa, uza emuva kwesithangami sokucobelelana ngolwazi ebesisakazwa kwi-You Tube esibizwa ngeTalk Your Worth nayo ebikhiqizwa yi-L’Oréal Paris.
Le nkampani yezimonyo isanda kumemezela umlingisi wakuleli ozinze phesheya, uThuso Mbedu, njengenxusa layo laseSub-Sahara Africa.
Esitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba, iL'Oréal Paris ithe kuzobe kukhangisa osaziwayo embukisweni we-Walk Your Worth okubalwa kubo uBonang Matheba, uMiss SA uNatasha Joubert noThembi Seete.
Kulo mbukiso we-Walk Your Worth iL’Oréal Paris isebenzisana nelebuli yemfashini, iBiji La Maison de Couture, okuyiyona ezobe yenze imisiko esezingeni.
“Sengenze into engiyithandayo iminyaka ewu-30 futhi ngiyajabula ukuthi ngizobe ngisebenzisana neL’Oréal Paris ne-SA Fashion Week kulo mbukiso we-Walk Your Worth. Yonke imisiko izobe ibuveza obala ubuhle balabo abazobe beyikhangisa,” kusho uBiji Gibbs.
U-Ayanda Mackay, obhekelele ezokukhangiswa kwe-L'Oréal Paris, uthe bayinkampani ebhekelele abesifazane futhi ezimisele ukufukula abesifazane.
“Sizimisele ukuthi lo mbukiso ube ngeminye ehamba phambili e-Afrika lapho kuzocaca ukuthi iL’Oréal izibophezele ekunikezeni bonke abesifazane amathuba nokubafukula,” kusho u-Ayanda.