BAZONGENA bashone emaphaketheni abantu baseNingizimu Afrika njengoba ikhuphukile intengo kagesi izolo ilanywa eduzane ekaphethroli.
U-Eskom ukhuphule intengo kagesi ngo-12.74% onyakeni wezimali u-2024/25.
Phakathi kwamabili namuhla intengo kaphethroli izonyuka ngo-67 cents ilitha.
Mayelana nentengo kadizili, kulindeleke ikhuphuke ngo-3 cents ilitha maphakathi nezwe. Ezifundazweni ezigudle ulwandle yehle ngo-4 cents ilitha.
Lokhu kukhuphuka kwentengo kaphethroli kuthiwa kubangelwa ukunyuka kwamanani emikhiqizo emhlabeni nokuba buthaka kwamandla erandi.
USomnotho ozimele uSolwazi Bonke Dumisa ukhale ngakubize ngama-administered prices, okuyimali uhulumeni aba nezwi lokugcina kuyona okubalwa ama-rates, intengo kagesi nekaphethroli.
UDumisa uthe ukunyuswa kwentengo kagesi kubonwa abantu ngento engathetheleleki ngoba kuyaqhubeka ukucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga.
Uhlabe inkohlakalo egubuzele u-Eskom wathi ingakho lenkampani ephehla ugesi ngelahle ifuna imali ukuze ikwazi ukwenza umsebenzi wayo.
UMnuz Layton Beard wakwa-Automobile Association uxwayise ngokuthi kuzoguga iphakethe kubashayeli bezimoto.
UBeard uthe ukunyuka kwentengo kaphethroli kusasa kungase kwelanywe okunye maduze.
“Okubi ukuthi amaholo abasebenzi awakhushulwa alingane nentengo kaphethroli ekhuphuka njalo. Ukukhushulwa kwentengo kungagcina sekunyusa nemali yokugibela kwizithuthi zomphakathi,” kusho uBeard.
Ukhale ngokuthi kumanje abathengi bathwele ijoka ngenxa yokumba eqolo kwamanani ezinto ezitolo.
UBeard ukhuthaze abashayeli ukuthi basebenzise izindlela eziphusile zokonga imali njengokuthi bacele kubaqashi ukuba basebenze ezinye izinsuku besemakhaya uma kwenzeka.
“Uma usebenzisa imoto yakho kancane, lokho kuzokongela uphethroli ugcine usebenzisa imali encane,” kuphetha uBeard.