INGCABHA isisele noMengameli Cyril Ramaphosa ukuthi asayine uMthethosivivinywa, iBasic Laws Amendment Bill (BELA), ube ngumthetho njengoba wesekwe izifundazwe eziyisishiyagalombili eNdlini yoMkhandlu weziFundazwe ePhalamende, ngoLwesine.
Isifundazwe iWestern Cape yisona kuphela esingawesekanga uMthethosivivinywa.
Usihlalo wekomiti lezeMfundo, ubuChwepheshe, ezemiDlalo, ubuCiko namaSiko, uMnuz Mamagase Elleck Nchabeleng, ubuze abebemele izifundazwe ukuthi bayaweseka noma bayawuchitha lo Mthethosivivinywa.
Abebemele lezi zifundazwe basho ngamunye ukuthi bayalelwe ukuthi baweseke uMthethosivivinywa ngaphandle kowaseWestern Cape, oveze umyalelo wokuthi kumele uchithwe.
UNchabeleng uthe ngenxa yokuthi ezifundazweni eziyisishiyagalolunye kuleli sinye esiwuchithile, kusho ukuthi uyasekwa ngoba zonke ezinye ziwesekile.
“Siyabonga ngomsebenzi owenziwe kulo Mthethosivivinywa obalulekile. Ninqume ukuthi wesekwe uMthethosivivinywa siyayazi imibono yamanye amaqembu ngawo, futhi siyayihlonipha.”
Kuzokhumbuleka ukuthi lo Mthethosivivinywa waphasiswa yiNational Assembly, wase udlulela kulo Mkhandlu weziFundazwe ukuze kulungiswe ezinye zezinto okwakukhalwe ngazo, ngaphambi kokuba uye kumengameli ukuze awusayine.
Akuwona umthetho omusha njengoba uchibiyela umthetho wezikole ovele ukhona.
Okuseqhulwini kuwona indaba yokuthi uGrade R abe yimpoqo kuleli, ukuvala unomphela ukusetshenziswa kwenduku, ukunikwa amandla inhloko yomnyango ukuthi inqume uma isikole sesigcwele nezilimi okumele zisebenze zokufunda ezikoleni.
Okunye wukuthi kumele kubekwe imigomo ohlelweni lokufundela kwabafundi emakhaya.
Okunye ngukuthi labo abazovimbela abafundi ukuthi baye ezikoleni kumele bagwetshwe yinkantolo.
Amaqembu ahlukene okubalwa i-DA nezinhlangano zepolitiki okubalwa i-Freedom Front Plus, ziyawuchitha uMthethosivivinywa.
Okukhalwa ngakho kakhulu ukuthi kumele kube abasekomitini lesikole abazonquma uma sesigcwele, izwi lokugcina kungabi elenhloko yomnyango.
Lezi zinhlangano zikhala nangokuthi uhulumeni akanayo imali yokulungisa izinkinga ezibhekene nezemfundo ngakho ukuphoqa ukuthi uGrade R ube yimpoqo, kuzokwengeza omunye umthwalo.
Selokhu yaqala eyokuchibiyela kwalo Mthethosivivinywa kukhulu ukuphikisana nawo njengoba ezinye izinhlangano zisabise ngokuthi zizoya nasenkantolo ngoba azihambisani nawo.
Abawesekayo bona bathi liphume nobovu ngoba kukhona abazama ukuvimba ezinye izinhlanga ukuthi zifunde ezikoleni zabo ngokuthi kufundwe ngolimi oluthile nokuthi kuthiwe isikole sesigcwele ekubeni singagcwele.