NKOSIKHONA CELE
BAZOBA yishumi sebebonke ofakazi ecaleni lokusocongwa kowesilisa waseMariannhill, okusolakala ukuthi wabulawa ngunkosikazi wakhe ebambisene noBen 10 ayesemqomile.
UMnuz Jabulani Mchunu (54), wahlaselwa esemzini wakhe ngabesilisa ababili bamdubula bambulala esigamekweni esenzeka ngonyaka owedlule.
Ngemuva kwalokho kwaboshwa umkakhe uNkk Gugu Mchunu (50) owayenguthisha efundisa esikoleni samabanga aphansi, iBruyns Primary.
Kwaboshwa nesoka lakhe elinguBen 10, uMnuz Lindani Phungula (30). Bobabili basolwa ngokuba ongqondongqondo ekuhlanganiseni itulo lokusocongwa kukamufi.
Bafaka isicelo sebheyili inkantolo yabachitha ikhala ngokuthi izizathu zabo azinaso isisindo esanele sokuba bangadedelwa babe ngaphandle.
NgopLwesihlanu eNkantolo eNkulu yaseThekwini, uMshushisi uSenior Prosecutor T. Mbokazi utshele iJaji uMohani Moodley ukuthi bazoba yishumi sebebonke ofakazi azobabiza uma leli cala seliqala ukuqulwa ngoNovemba 3 nonyaka.
"Bazoba yishumi sebebonke ofakazi engizobabiza bezofakaza kabanzi ngabakwaziyo mayelana nokubulawa kukamufi. Ngiyethemba ukuthi ubufakazi babo buzoyilekelela kakhulu inkantolo,’’ kuchaza uMbokazi.
Ngosuku abulawa ngalo umufi umkakhe wayengekho kuthiwa wayegodukile eye kubo eNquthu.
Kuthiwa wayefuna ukukhanda isithombe sokuthi akaxhumene nokubulawa kukamyeni wakhe ngoba kwenzeke egodukile. Kodwa uphenyo lwamaphoyisa lwaholela ekutheni kuboshwe yena noBen 10.
Kuvela ukuthi uNkk Mchunu wasoconga umyeni wakhe ngoba nakhu efuna ukuzuza amafa awadle nesoka elisha.
Isolezwe Ngempelasonto labika kabanzi ngalesi sigameko. Lapho khona ilungu lomndeni lalikade ligeqa amagula likhuluma ngokuphatheka kabi komndeni.
Laveza ukuthi umufi uyena owafundisa uNkk Mchunu waze wathola iziqu zobuthishela. Lakhala ngokuthi wayengazi umufi ukuthi usondeza inyoka ezomqhofoza ikhanda ngelinye ilanga.