UMHOLI we-EFF uMnuz Julius Malema uthe uzoqala phakathi kwamabili uumbhikisho abahlela ukuba nawo ngoMashi 20.
UMalema uthe abantu bayothi bevuka izwe liyobe selivaliwe ngosuku lombhikisho.
Ngalolu suku i-EFF ihlela ukubhikishela umengameli, uMnuz Cyril Ramaphosa, abafuna ehle esikhundleni.
UMalema uthe ngalolu suku kuzoma yonke into.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma engqungqutheleni yokukhetha ubuholi baleli qembu esifundazweni iWestern Cape.
“Akekho umuntu ozoya esikoleni ngaleli langa futhi akekho umuntu ozoya emsebenzini. Kuzoma yonke into. I-EFF izozikhombisa amandla ayo. Umbhikisho ngeke uqale ngo-8 ekuseni. Umhla ka 20 uqala phakathi kwamabili.
“Nathi umbhikisho wethu uzoqala phakathi kwamabili. Abantu bayothi bephaphama ebuthongweni, izwe liyobe selivaliwe. Into abayovuka beyenze kuyoba ukuthwebula izithombe, bakhombise abaqashi babo ukuthi ngeke bakwazi ukuya emsebenzini.”
UMalema uthe abakhaleli izinto eziningi, wathi bafuna ukubona uRamaphosa esula esikhundleni.
“Ngosuku lombhikisho sizobe singalwi namuntu. Into esizobe siyifuna ukuthi le ndoda yehle esikhundleni. Akukho okutheni esikubangayo noRamaphosa. Empeleni uRamaphosa uyindoda elungileyo futhi mina naye sinobudlelwano obuhle kakhulu. Inkinga nje ukuthi angihambisani nendlela aphethe ngayo izwe.”
UMalema uthe bazobhikishela nokuthi kuqedwe ukucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga, bese kudalwa namathuba emisebenzi.
“Akukuhle ukuthi u-60% wabantu abasha awusebenzi. Ngeke sithule njengenhlangano elwela abantu isimo sinje. URamaphosa wasithembisa imisebenzi kodwa iqiniso ukuthi imisebenzi ayikho.”
Khonamanjalo, uMalema usanda kubhalela uSomlomo wePhalamende, uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula, emyalela ukuthi axolise ngokukhishwa ngesidlozana kwamalungu e-EFF ngesikhathi umengameli ethula inkulumo ngesonto eledlule.
Amalungu ePhalamende ayephazamisa inkulumo kaRamaphosa akhishwa abezokuphepha basePhalamende, amaphoyisa nabaqaphi bakaRamaphosa.
UMalema uthe abezokuphepha kwakungafanele bakhiphe ngesidlonzana amalungu e-EFF, wathi bazolufaka enkantolo udaba uma uNkk Mapisa-Nqakula engaxolisi ezinsukwini ezimbili abamnikeze zona.
Unobhala we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, umvikelile uNkk Mapisa-Nqakula.
Uthe kwakufanele ukuthi abize abezokuphepha bezokhipha amalungu e-EFF ngoba ayephazamisa ukuhlala kwePhalamende, wathi futhi ayebeka engcupheni ukuphepha kukaRamaphosa njengoba azama ukuyobhikisha lapho uRamaphosa ayethula khona inkulumo yakhe.