INHLANGANO yabameli abalwela amalungelo abantu imangalele uMnyango wezaseKhaya ngokuvala omazisi babantu abathile abasuke besola ukuthi kunemikhonyovu eyenziwe ngayo.
Laba bameli abangaphansi kwenhlangano iLawyers for Human Rights, bathi bamele abantu abangaphezulu kuka-100 abangakwazi ukusebenzisa omazisi babo ngoba bavalwe wumnyango, bafake amaphepha eNkantolo eNkulu yasePitoli kuleli sonto.
UNkk Thandeka Chauke wale nhlangano, uthe ngokomthetho uMnyango wezaseKhaya kawunalo ilungelo lokuvala ukusebenza komazisi womuntu.
"Umthetho uthi umnyango uma usola, noma kunesikhalo ngokuthi isitifiketi noma umazisi usetshenziswa ngabantu ababili abangefani, noma kunomkhonyovu ngawo kumele ulungise lolu daba emasontweni ayisithupha kuya kwayisishiyagalombili.
Ngaphambi kokuthi ukwenze lokhu, umnikazi walowo mazisi kumele aziswe kodwa abantu abaningi abanenkinga yomazisi kuleli kuphela yizinyanga, abanye yiminyaka belinde ukuthi kulungiswe omazisi babo.
Ngaleso sikhathi basuke bengasakwazi ukusebenzisa omazisi abanabo. Impilo yabo isuke isimile. Abaziswa nokuthi omazisi babo bazovalwa. Baye bathole emabhange ngoba bengasakwazi ukubasebenzisa.
Abanye bathola ngesikhathi beyofaka izicelo zokuxhaswa ngemali yokufunda. Kuphela iminyaka isitshudeni sigqigqa eMnyangweni wezaseKhaya singasizakali. Sesivimbeleka ekutheni sithole imfundo," kusho uNkk Chauke.
Uthe abasebenzi bomnyango bavamise ukutshela abanezinkinga zomazisi ukuthi kusazokwenziwa ulibofuzo, kuthiwe bazoshayelwa ucingo, kuphele iminyaka belindile.
Ngo-2012 uMnyango wezaseKhaya waba nomkhankaso wokulungisa izinombolo zomazisi ezisetshenziswa ngabantu ababili.
Ngaleso sikhathi ngokweNational Population Register, omazisi abanjalo babengu-29 000. Lesi sibalo sigcine sesenyukele ku-500 000.
Ngo-2020 uMnyango wezaseKhaya uthe zilinganiselwa ku-1 million izikhalo ezimayelana nomazisi abasetshenziswa ngabantu ngababili.
Uthe ngo-2013 uMnyango wezaseKhaya wamemezela ukuthi uzovala omazisi abavela kwiNational Registry njengabaphindaphindekile, wase uyabavala labo mazisi.
"Abanye omazizi abavaliwe yikhompyutha, iveza ukuthi akuwona owalowo muntu owusebenzisayo, abanye kuthiwa basetshenziswa ngabantu ababili, abanye kuthiwa kunomkhonyovu ngabo.
Umnyango kwakumele uwalungise, hhayi ukuncisha abantu amalungelo okuthola izinsiza, okuhlanganisa nokubancisha ilungelo lobuzwe," kusho uNkk Chauke.
Uqhube wathi ngo-2018 iKhomishini yamaLungelo aBantu yathi ukuvalwa komasizi kungukucindezela amalungelo abantu, yingakho manje sebeya enkantolo.