UNGQONGQOSHE woMnyango weMfundo eyisiSekelo, uNksz Siviwe Gwarube, uthe kuyaqhubeka ukuhlolwa kohlelo lokufunda oluzogxila ekucijweni kwabafundi ngamakhono bathole izitifiketi ezibagunyaza ukuthi badlulele kwesinye isigaba semfundo uma bephothula uGrade 9, olwaziwa ngeGeneral Education Certificate (GEC).
Ukusho lokhu izolo ngesikhathi evula ingqunquthela yaminyaka yonke esingethwe isigungu esibhekele izingabunjalo lemiphumela ka-matric, ebizwa nge-Annual Conference of the Association for Education Assessment in Africa, eCape Town. Le ngqungquthela osekungeka-40 izothatha izinsuku ezine.
UNksz Gwarube ekhuluma ngalolu hlelo, uthe inhloso yalo ukugxila ezintweni ezingalekelela umfundi ukukhulisa ikhono lakhe akwazi ukuzenzela.
“Lolu hlelo luzosiza ngokunciphisa isibalo sabafundi abayeka ezikoleni bengaqedile luphinde lugweme nokuthi baphoxeke ngenxa yemiphumela, libenze baqasheke ngokwamakhono abanawo adingekayo,” usho kanje.
Lwaphakanyiswa yilo mnyango ngo-2019, kuthiwa luzonikeza umfundi igunya lokuzikhethela ekutheni aqhubeke nokufunda uma esephase uGrade 9 ayophothula uGrade 12, noma uma ezizwa ukuthi akadonsi kahle ezifundweni akwazi ukusebenzisa lesi sitifiketi ukudlulela komuye umkhakha wemfundo ukuphucula ngqo ikhono analo.
Le ngqunquthela eqhubekayo, ihanjelwe othisha, abafundi, izithunywa ezivela kwamanye amazwe ase-Afrika eziyizazi zomthetho, ezivela e-India, e-Europe nase-United Kingdom okulindeleke zethule izinkulumo ezehlukene kuyo. Kuthiwa kuhloswe ngayo ukucobelelana ngolwazi ezintweni ezithinta ezemfundo
UNksz Gwarube uthe ukwabelana ngolwazi nezithunywa ezivela kwamanye amazwe, kuzosiza elakuleli ekuqiniseni ubudlelwano nokusebenzisana nawo
Balinganiselwa ku-13.4 million abafundi abafunda ezikoleni ezehlukene ezingu-24 836 kuzwelonke, kanti othisha bangu-460 000.