UBANJWE inkunzi ehamba namaphoyisa amabili angabaqaphi bakhe uNgqongqoshe wezokuThutha eNingizimu Afrika, uNkk Sindisiwe Chikunga.
Ngokusho kwesitatimemde samaphoyisa, isigameko senzeke kuthelawayela uN3 phakathi kwaseVosloorus neHeidelberg eGauteng ngoMsombuluko.
Okhulumela amaphoyisa kuzwekonke, uBrigadier Athlenda Mathe uthe la maphoyisa aphucwe izibhamu zawo zomsebenzi nokunye abebekade bekuphethe nongqongqoshe.
"Ahlinzekwa ngakho konke akudingayo futhi asethole nosizo lokwelulekwa ngokwengqondo amaphoyisa," kuchaza uBrig Mathe.
Uqhube wathi amaphoyisa aphume nkalo zonke athungatha abasolwa emuva kwalesi sigameko esenzeke kungazelele muntu.
UBrig Mathe udalule nokuthi njengamanje ungqongqoshe usetholelwe abanye abaqaphi abazomgada.
Uthe bewumbutho wamaphoyisa bazimisele ukwenza umsebenzi wabo ababekelwe wona okungowokuvikela iziphathimandla nomphakathi wonkana.
"Uphiko lwamaphoyisa oluqapha izicukuthwane nongqongqoshe lumqoka embuthweni wamaphoyisa. Umsebenzi walo luwenza ngempumelelo futhi sizimisele ukuthi luqhubeke kanjalo kulandelwa yonke imigomo okumele lusebenze ngaphansi kwayo," kusho uBrig Mathe.
Ezinyangeni ezedlule luke lwaba sematheni lolu phiko lwamaphoyisa emuva kokusabala kwe-video etshengisa abaqaphi bePhini likaMengameli wezwe, uMnuz Paul Mashatile, beshaya ababehamba ngePolo besolwa ngokuphazamisa inhlabaluhide yezimoto ezaziqaphe uMashatile.
Lawo maphoyisa aboshwa futhi athweswa amacala kodwa agcina ekhululwe ngebheyili.
Kusanda kuvela ukuthi abuyele emsebenzini wawo.