USUYAQALA ukubonakala umonakalo wesishingishane uFilipo esihamba nemvula enamandla esecekele phansi imizi nengqalasizinda eMkhanyakude.
Kuxwayiswa izakhamizi kuMasipala waseJozini ukuthi akuhambeki emgwaqweni uP449 ngenxa yezikhukhula. Kunanemizi esigcwale amanzi emagcekeni ayo.
Izakhamuzi ziyanxuswa ukuba zibeke ukuphepha kwazo phambili. Amathimba abhekele izinhlekele ayaqhubeka nokusigada isimo kwisifundazwe sonke.
Kwenzeka lokhu nje, bezikade zixwayisile izangoma zezulu ukuthi lizoyidliva izulu, kube nezikhukhula ezingadala umonakalo omkhulu ngakho abantu abahlale beqaphile.
Isishingishane uFilipo siqale eMozambique senabela eNingizimu Afrika.
Liyayidliva ezindaweni eziningi ezisenyakatho yesifundazwe iKwaZulu-Natal, kunxuswa abashayeli ukuba bacophelele. pic.twitter.com/C8X9qYY0Aj
— Isolezwe News (@IsolezweNews) March 13, 2024
KwaZulu-Natal liyidliva kakhulu ezindaweni ezakhele uMkhanyakude, iKing Cetshwayo neZululand.
Kwenzeka lokhu nje, kujutshwe ithimba elibhekele izinhlekelele likazwelonke ukuba lisebenze nezifundazwe iKwaZulu-Natal, Limpopo neMpumalanga, ezizothikanyezwa uFilipo.
Lokhu uhulumeni uthi kwenziwe ngenhloso yokuhlenga impilo yabantu kuvikelwe ingqalasizinda.
UNkk Thembi Nkadimeng onguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu unxenxe abantu wathi bahlale beqaphile.
“Abantu ababambisane nabezinhlekelele. Bagweme ukuhamba noma ukushayela noma ukuwela imigwaqo namabhuloho agcwele amanzi,” usho kanje.
IMeya yaseJozini, uMnuz MfanaNaye Mathe, nayo ixwayise abantu yathi abazibheke.
“Uma ubambo lwakho lungaphoqi uyanxuswa ukuba uhlale endlini. Gwema izindawo lapho kugeleza amanzi,” kusho uMathe.
Mayelana namathimba ezinhlekelele eJozini kungathintwa uNkk AG Gumede ku-066 299 1076 noma ku-072 017 2040.
Noma babike ku-NKK ZO Khumalo ezinhlekele emgwaqweni ku-076 091 5378.