ZIBALELWA ku-161 iziguli okuqinisekiswe ukuthi zihlaselwe yisifo samehlo, uphenyane (pink eye), eThekwini.
UMphathiswa wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkk Nomagugu Simelane, uthe iziguli ezingu-55 zihlonzwe esibhedlela iClairwood, ezingu-50 eKZN Children’s Hospital, ezingu-39 emtholampilo, iCato Manor Community Health Centre, ezingu-15 esibhedlela iMcCord kuthi ezimbili zihlonzwe eHalley Stott Clinic.
Uthe uma unophenyane kuvuvukala untwentwesi olusobala olugudle iso kanye nenhlamvu yeso. Lolu ntwentwesi lubizwa nge-conjunctiva. Amehlo aba bomvu.
"Sinxusa abanezimpawu ukuthi bangahlali ekhaya. Bavakashele emitholampilo eseduze nabo. Ngesikhathi seCovid-19 sasungula imikhuba eminingi ekhuthaza inhlanzeko njengokugeza izandla njalo ngensipho namanzi noma izihlanzi. Lezo ngezinye zezinto okumele sizijwayeze zona ezingagwema ukusabalala kophenyane,” kusho yena.
Uthe ungakuvimbela ukuba neso elibomvana ngokuthi ungawathinti amehlo akho, ugeze izandla zakho njalo, ukusebenzisa ithawula elihlanzekile nendwangu yokugeza nsuku zonke. Ningasebenzisi amathawula noma izindwangu zokugeza ezizodwa nibe baningi, ukushintsha imicamelo yakho njalo, ukulahla izimonyo zamehlo ezindala ezifana ne-mascara nokugwema ukuzisebenzisa nomunye umuntu.
Omunye wabahlengikazi, ongavumelekile ukukhuluma nabezindaba, uthe iziguli eziningi eziphethwe uphenyane yizingane zesikole. Kunzima ukululawula kuzona ngoba umgomo uthi akumele zisondelane nokungelula ngoba ngeke zingadlali, ezinye zigibela nezimoto zomalume ndawonye.